Ubuhle Bomuntu Ohamba Aye EMasjid Ukuyowenza ISalaah – 3

5. Ukuyanjalo eMasjid kuwuphawu lokuba neImaan.

عن أبي سعيد رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم إذا رأيتم الرجل يعتاد المسجد فاشهدوا له بالإيمان قال الله تعالى إنما يعمر مساجد الله من آمن بالله واليوم الآخر (سنن الترمذي، الرقم: 3093)

UHadrat Abu Saeed Khudri (radiallahu anhu) ubika ukuthi URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi, “Uma ubona umuntu eya njalo eMasjid, fakaza ukuthi uneImaan. UAllah uthi kwiKuraan, ‘AmaMasjid ahanjwa abantu abakholelwa kuAllah futhi nosuku lokugcina.”‘
6. Abahamba phansi baye eMasjid ebumnyeni banikwa izindaba ezinhle zokunikwa ukukhanya okuphelele ngosuku lweKiyaamah.

عن بريدة الأسلمي عن النبي صلى الله عليه وسلم قال بشر المشائين في الظلم إلى المساجد بالنور التام يوم القيامة (سنن الترمذي، الرقم: 223)

UHadrat Buraidah Aslami (radiallahu anhu) ubika ukuthi uHadrat Rasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi, “Banike izindaba ezinhle zokunikwa ukukhanya okuphelele ngosuku lweKiyaamah laba abahamba ngobumnyama baye emaMasjid.”
7. Njalo uma umuntu eya eMasjid ekuseni noma ebusuku uAllah umlungiselela indawo yakhe eJannah.

عن بريدة الأسلمي عن النبي صلى الله عليه وسلم قال بشر المشائين في الظلم إلى المساجد بالنور التام يوم القيامة (سنن الترمذي، الرقم: 223)

UHadrat Abu Hurairah (radiallahu anhu) ubika ukuthi uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi, “Umuntu ohamba aye eMasjid ekuseni nasebusuku, njalo uma eya eMasjid uAllah umlungiselela indawo yakhe eJannah.”

About admin

Check Also

Ubuhle Bomuntu Ohamba Aye EMasjid Ukuyowenza ISalaah – 2

3. Abantu abazijwayeza iMasjid banikwa isikhundla esisondele kuAllah futhi bayizigqila ezikhethekile kuAllah. عن أنس بن …