“Al Farook ” Ohlukanisa iqiniso namanga

UHadrat Umar (radiyallahu anhu) Ekhuthaza Ukwenza Okuhle Sezophefumula Okokugcina

Ngosuku lolu uHadrat Umar (radiyallahu anhu) kade egwazwe ngalo, wavakashelwa omunye umfana wase ethi kuye, “O Mphathi wamaMuslim! Thokoza ngezindaba ezinhle ezisuka kuAllah Ta’ala! Wena ungumlandeli kaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) futhi wena ungomunye walaba abamukela iIslaam ezinsukwini zokuqala, wase ubekwa ukuthi ube umphathi futhi wakhombisa ubulungiswa ngenkathi uphethe futhi manje usuzoshona endleleni kaAllah!”
Ngenkathi ezwa lokhu, UHadrat Umar (radiyallahu anhu) wathi, “Ngifisa engathi zonke lezinto (ozishoyo) zingisize ukuze ngiphumelele, ukuze kungabikho into engijikelayo.”
Ngenkathi lomfana ephenduka esehamba, uHadrat Umar (radiyallahu anhu) wabona ukuthi ibhulukwe lakhe lidlula amaqakala akhe lithinta phansi. UHadrat Umar (radiyallahu anhu) wathumela ukuthi abizwe abuyele kuyena, emvakwalokho wase ethi kuye,” O Mshana! Phakamisa ibhulukwe lakho, ngoba lokho kuyindlela yokuthi lihlale lihlanzekile futhi lokho kuyindlela yokuthi uthole ukwesa uAllah Ta’ala.”

About admin

Check Also

Isikhundla Esikhulu SikaHadrat Umar (radiallahu anhu)

Ukuzithoba KukaHadrat Umar (radiallahu anhu) UHadrat Miswaar bin Makhramah (radiallahu anhu) ubika ukuthi ngenkathi uHadrat …