AmaSunnat EMasjid – 7

17. Ungazibandakanyi ngezinkulumo zomhlaba, noma nixoxisane ngezinto zomhlaba eMasjid.

عن الحسن رحمه الله مرسلا قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم يأتي على الناس زمان يكون حديثهم في مساجدهم في أمر دنياهم فلا تجالسوهم فليس لله فيهم حاجة (شعب الإيمان، الرقم: 2701)

UHadrat Hasan (radiyallahu anhu) ubika ukuthi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Sidondele isikhathi esizweni sami lapho abantu bayoxoxisana ngezinto zomhlaba eMasjid. Unghlali nabo, ngoba uAllah akanaso isidingo sabo.” 
  18. Ungalwi noma uphikisane namuntu eMasjid.
  19. Ungayenzi iMasjid indawo yokunqamulela (ukudlula uye kwenye indawo).

عن ابن عمر رضي الله عنهما عن رسول الله صلى الله عليه وسلم قال خصال لا تنبغي في المسجد لا يتخذ طريقا ولا يشهر فيه سلاح (سنن ابن ماجة، الرقم: 748)

UHadrat Ibnu Umar (radiyallahu anhuma) uthi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi,” Lezenzo ezilandelayo akumele zenziwe eMasjid, akumele isetshenziswe njenge ndlela yokunqamulela, noma uvule izikhali eMasjid…” 
  20. Ukungahloniphi ukugibela ophahlweni leMasjid.

عن ابن عمر رضي الله عنهما أن رسول الله صلى الله عليه وسلم نهي أن يصلى في سبعة مواطن … وفوق ظهر بيت الله (سنن الترمذي، الرقم: 346)

UHadrat Ibnu Umar (radiyallahu anhu) ubika ukuthi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) akakuvumelanga ukwenza iSalaah ezindaweni eziwu (7); (ezinye zalezondawo) ophahlweni bendlu kaAllah.

About admin

Check Also

AmaSunnat EMasjid – 5

9. Yenza inhloso yeI’tikaaf (ukuhlala eMasjida) noma ngabe uzochitha isikhathi esingakanani eMasjid. 10. Uma ungena …