Ukuthenga Umthombo EJannah
Ngenkathi amaSahaabah (radiyallahu anhum) ethuthele eMadina Munawwarah, bafica amanzi aseMadeenah Munawwarah engaphuzeki ngenxa yokuthi kade ebaba. Kepha, kwaku nejuda eduze kwalapho ekade linomthombo wamanzi amtoti lomthombo kade ubizwa ngoRoomah, kade lijwayele ukudayisela amaSahaabah (radiyallahu anhum) amanzi.
URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wase ebuza amaSahaabah (radiyallahu anhum), “Ubani ozothenga lomthombo uRoomah kuleliJudah anikele ngawo ukuze asize amaMuslim futhi naleli judah lilingane namaMuslim ngokukha amanzi, endaweni yawo uyothola umthombo eJannah.
UHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu) wahamba wayakuleli judah ekade liwumnikazi womthombo wathembisa ukuthenga umthombo. Kodwa lelijuda lanqaba ukudayisa umthombo wonke lavuma ukudayisa ingxenye yomthombo kuphela ngamaDirham Awu (12000).
UHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu) wase enikela ngawo ukuze azosizakala amaMuslim. Wase uHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu) ethi kuleliJudah, “Uma uthanda singabeka amabhakede amabili kulomthombo ukuze wena uzuze namaMuslim nawo azuze noma wena ungawusebenzisa ngosuku olulodwa amaMuslim ayosebenzisa ngosuku olulandelayo. IJudah lathi kuHadrat Uthmaan lifisa ukusebenzisa njalo ngosuku olulandelayo.
Emvakwalokho, ngenkathi kuwusuku laHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu) amaMuslim kade athatha amanzi azobanela izinsuku ezimbili. Ngokubona amaMuslim engasawathengi amanzi kuye, wase ethi kuHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu), ungimoshele umthombo wami (angisakwazi ukudayisa amanzi) yindaba ungayithengi lenxgenye enye yomthombo kimi . UHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu) wase ethenga lenxgenye enye ngamaDirham awu (8000) wase enikela futhi ngayo kumaMuslim.