21. Uma ingekho indawo emugqeni wokuqala, ungazifaki ngenkani uze uphazamise abanye.
عن عبد الله بن بسر رضي الله عنه قال جاء رجل يتخطى رقاب الناس يوم الجمعة والنبي صلى الله عليه وسلم يخطب فقال له النبي صلى الله عليه وسلم اجلس فقد آذيت (سنن أبي داود، الرقم: 1120)
UHadrat Abdullah bin Busr ubika ukuthi ngelinye ilanga, kwangena umuntu eMasjid ngosuku lweJumuah ngenkathi uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) enza iKhutubah (intshumayelo YeJumuah). Lomuntu wase egibela emahlombe abantu (ukuze aze ukufikela emugqeni wokuqala). UHadrat Rasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi kuye (emthethisa), “Hlala phansi ngoba usuphazamisile (abantu).”
عن سهل بن معاذ بن أنس الجهني عن أبيه رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم من تخطى رقاب الناس يوم الجمعة اتخذ جسرا إلى جهنم (سنن الترمذي، الرقم: 513)
UHadrat Mu’aaz bin Anas (radiyallahu anhu) ubika ukuthi URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Umuntu oweqa amahlombe abantu ngosuku lweJumuah uzakhele ibhuloho eliya eJahannum.”
22. Akumele wenze iSalaah yakho eMasjid endaweni la uzophazamisa ukuhamba kwabantu, njengokwenza iSalaah ngasemyango, uvimbele abantu ukuthi bangadluli.
عن ابن عمر رضي الله عنهما أن رسول الله صلى الله عليه وسلم نهي أن يصلى في سبعة مواطن … وقارعة الطريق … (سنن الترمذي، الرقم: 346)
UHadrat Ibn Umar (radiyallahu anhuma) uthi uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) akavumelanga ukuthi iSalaah yenziwe ezindaweni eziyiskhombisa (7), (ezinye zalezondawo) endleleni (la kuhamba khona abantu).