Uthando Olukhulu LaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) LikaHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu)

Izindaba Ezinhle ZaseJannah

UHadrat Abu Moosa (radiyallahu anhu) ubika lokhu okulandelayo :
Ngake ngahamba noRasulullah (sallallahu alayhi wasallam) ensimini yezithelo zaseMadeenah Munawwarah ngenkathi kufika umuntu ecela imvume yokungena ensimini. Ngokuzwa isicelo salomuntu uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Mvumele ukuthi angene futhi umnike izindaba ezinhle zokunikwa isigaba esiphakeme kakhulu eJannah.” Ngase ngavula isicabha ngabona ukuthi uHadrat Abu Bakr (radiyallahu anhu), ngadlulisa izindaba ezinhle lezi ekade ekhuluma ngazo uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam). Wase edumisa uAllah ngokubonga.
Emvakweskhathi kwasekufika omunye umuntu naye wase wacela imvumo yokungena ensimini. Ngokuzwa isicelo uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi kimi, “Mvumele ukuthi angene futhi umnike izindaba ezinhle zokunikwa isigaba esiphezulu eJannah.” Ngase ngavula isicabha ngafica kukhona uHadrat Umar (radiyallahu anhu). Ngadlulisa izindaba ezinhle ekade zishiwo uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam), wase yena edumisa uAllah ngokumbonga.
Kwadlula isikhashana kwase kufika omunye umuntu naye wase ecela imvume yokungena ensimini, uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi kimi “Mvumele ukuthi angene futhi umnike izindaba ezinhle zokunikwa isigaba esiphezulu eJannah esihambisana nokuvivinywa.” Ngenkathi ngivula isicabha ngafica kukhona uHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu). Ngase ngimnika izindaba ezinhle lezi ekade zishiwo uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam), naye wase edumisa uAllah ngokumbonga, wase ethi,”Sicela usizo kuAllah kuphela.”

About admin

Check Also

“Al Farook ” Ohlukanisa iqiniso namanga

UHadrat Umar (radiyallahu anhu) Ekhuthaza Ukwenza Okuhle Sezophefumula Okokugcina Ngosuku lolu uHadrat Umar (radiyallahu anhu) …