AmaSunnat EMasjid – 10

26. Wonke umuntu unelungelo elilingene lokusebenzisa iMasjid nezinto eziphakathi. Akuvumelekile ukuthi uzibekele indawo noma izinto eMasjid.

عن عبد الرحمن بن شبل رضي الله عنه قال نهى رسول الله صلى الله عليه وسلم عن نقرة الغراب وافتراش السبع وأن يوطن الرجل المكان في المسجد كما يوطن البعير (سنن أبي داود، الرقم: 862)

UHadrat Abdur Rahmaan bin Shibl (radiyallahu anhu) ubika ukuthi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) akakuvumelanga (ukwenza iSajdah (ukuguqa)) njenge nyonyi enqofayo (kuchaza ukuthi ukwenza iSajdah esheshayo) nokubeka izingalo phansi (uma wenza iSajdah) njengesilwane esizingelayo nokuzibekela indawo (eMasjid) njenge kamela ezibekela indawo. 
27. Akuvumelekile ukususa umuntu ohleli endaweni yakhe ukuze kuhlale omunye umuntu.

عن ابن عمر رضي الله عنهما عن النبي صلى الله عليه وسلم أنه نهى أن يقام الرجل من مجلسه ويجلس فيه آخر ولكن تفسحوا وتوسعوا (صحيح البخاري، الرقم: 6270)

UHadrat Ibnu Umar (radiyallahu anhuma) ubika ukuthi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) akakuvumelanga ukuthi umuntu asuswe la ehleli khona (eMasjid) kube sekuhlaliswa omunye endaweni yakhe. Okungenani abantu kumele benze indawo (benzele abantu abafika kamuva uma bekwazi ukubenzela indawo).

About admin

Check Also

AmaSunnat EMasjid – 6

13. Ungasenzi isimemezelo sempahla elahlekile eMasjid. عن أبي هريرة رضي الله عنه قال قال رسول …