IDua KaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) Enzela UHadrat Ali (radiyallahu anhu)

IDua KaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) Enzela UHadrat Ali (radiyallahu) Ngenkathi Emthuma EYemen

UHadrat Ali (radiyallahu anhu) ubika ukuthi :
URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wamgithuma ukuthi ngiyobusa eYemen. Ngaphambili kokuthi ngihambe ngathi kuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam), “O Sithunywa sikaAllah (sallallahu alayhi wasallam), ungithumela kubantu abadala kunami, ngaphezulu kwalokho mina ngisamusha futhi anginalo ulwazi lokuba umahluleli. Ngokuzwa ukukhathazeka kwami, uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wase ethatha isandla sakhe esibusisekile wasibeke esifubeni sami wase esho leDu’a elandelayo :

اللهم ثبت لسانه واهد قلبه

O Allah Dala ukuthi ulimi lakhe luqine (ekukhulumeni iqiniso) futhi uhole inhliziyo yakhe (Eqinisweni)! 
Emva kwalokho wase ethi kimi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam), O Ali uma uhlulela icala lezinhlanga ezimbili, qinisekisa ukuthi awusikhiphi isinqumo ungekayizwa indaba yenhlanga yenye, njengoba ukwazile ukulale indaba yenhlanga yokuqala. Uma uzolandela lokweluleka kwami uyokwazi ukuxazulula phakathi kwezinhlanga ezimbili.
Kubikiwe ukuthi ngenxa yeDua amenzela yona uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) uHadrat Ali (radiyallahu anhu) nokumnika ukweluleka, uHadrat Ali (radiyallahu anhu) akaze ahlangane nobunzima ekuxazululeni izinkinga zabantu.

About admin

Check Also

UAllah Uphendula IDua (umkhuleko) KaHazrat Sa’d (radiyallahu anhu)

IDua Ekhethekile KaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) UHadrat Ayesha ingane kaHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) ibika lokhu …