Kubikiwe ukuthi emvakokushona kukaImaam Shaafi’ee (rahmatullah alayhi) khona umuntu owambona ephupheni wase embuza into eyamnikeza intethelelo kuAllah. UImaam Shaafi’ee (rahmatullah alayhi) waphendula wathi, “Kungenxa yalamaDurood amahlanu ekade ngijwayele ukuwathumela kuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) kade ngijwayele ukuwasho ngolwesihlanu (ubusuku balesine).”
اَللّٰهُمَّ صَلِّ عَلٰى مُحَمَّدٍ عَدَدَ مَنْ صَلّٰى عَلَيْهِ وَصَلِّ عَلٰى مُحَمَّدٍ بِعَدَدِ مَنْ لَمْ يُصَلِّ عَلَيْهِ وَصَلِّ عَلٰى مُحَمَّدٍ كَمَا اَمَرْتَ أَنْ يُصَلّٰى عَلَيْهِ وَصَلِّ عَلٰى مُحَمَّدٍ كَمَا تُحِبُّ اَنْ يُّصَلّٰى عَلَيْه وَصَلِّ عَلٰى مُحَمَّدٍ كَمَا تَنْبَغِيْ الصَّلَاةُ عَلَيْهْ
O Allah thumela umusa wakho okhethekile nezibusiso zakho enkosini yemihlaba uMuhammed (sallallahu alayhi wasallam) ngokwesibalo sabantu abathumela iDurood kuNabi (Sallallahu alayhi wasallam) futhi uthumele umusa wakho okhethekile nezibusiso zakho enkosini yemihlaba, uMuhammed (sallallahu alayhi wasallam) ngokwesibalo sabantu abangayithumelanga iDurood kuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ngendlela oqoke ngayo ukuthi iDurood ithunyelwe kuye. Futhi uthumele umusa wakho okhethekile nezibusiso zakho kuMuhammed (sallallahu alayhi wasallam) inkosi yemihlaba ngendlela efanelikile futhi ejabulisa wena. Uthumele umusa wakho okhethekile nezibusiso zakho enkosini yemihlaba, uMuhammed (sallallahu alayhi wasallam) ngendlela ekumele akhunjulwe ngayo futhi ngendlela ekumele ithunyelwe ngayo iDurood kuye.
Ukuba Umakhelwane KaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ngosuku lweKiyaamah
UHadrat Rasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Umuntu othatha uhambo olukhethekile ukuze azovakashela ithuna lami uyoba umakhelwane wami ngosuku lweKiyaamah futhi umuntu ohlala eMadina Munawwarah abekezele ubunzima bakhona ngiyoba ufazi wakhe futhi ngimthethelele ngosuku lweKiyaamah, futhi umuntu oshonela kunanoma eyiphi yezindawa ezimbili ezibusisekile (eMakkah Mukarramah noma eMadina Munawwarah) uyovuswa nalaba abayonikwa ukuvikeleka ngosuku lweKiyaamah.