URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) Unika UHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) Izindaba Ezinhle Zokuthi Uzongena EJannah (ezulwini)

Isenzo Esadala Ukuthi UHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) Athole Izindaba Ezinhle Zokuthi Uzongena EJannah

UHadrat Anas (radiyallahu anhu) ubika ukuthi ngelinye ilanga amaSahaabah (radiyallahu anhum) kade ehleli emhlanganweni obusisekilale kaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ngenkathi ethi, “Maduze kuzoqhamuka umuntu wasebantwini baseJannah ngaphambili kwenu.” Akuphelanga isikhathi kwaqhamuka uHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) ephethe ophaqa bakhe ngesandla sonxele namanzi eWuzu ehlika entshebeni yakhe.

Ngosuku lwesibi nolwesithathu uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wenza isimemezelo esifanayo futhi, kwase kuphinde kungena uHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) ngazombili lezonsuku.

UHadrat Abdullah bin Amr bin Aas (radiyallahu anhu) wafisa ukuthi achithe isikhathi noHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) ukuze anakisise izenzo nendlela aziphatha ngayo uHadrat Sa’d (radiyallahu anhu), futhi ukuze ezobona esiphi lesenzo esikhethekile asenzayo ukuthi athole lezindaba ezinhle zokungena eJannah.

Ngosuku olwesithathu emvakokuthi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ahambe emhlanganweni. UHadrat Abdullah bin Amr (radiyallahu anhu) wasukuma walandela uHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) ukuze ayokhuluma naye. Ngenkathi ehlangana naye, uHadrat Abdullah bin Amr (radiyallahu anhu) wase ethi kuye, “Ngibe nenxabano nobaba wami okudale ukuthi ngifunge ukuthi angeke ngibuye ekhaya kuyoze kuphele izinsuku ezintathu. Uma ucabanga uzokwazi ukunginika indawo ukuze ngihlale kuze kuphele izinsuku ezintathu?”‘

UHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) wavuma, wase uHadrat Abdullah bin Amr (radiyallahu anhu) eqala ukuhlala naye. Kodwa ngenkathi ehlala naye asikho isenzo wasibona esimangzisayo. Akambonanga ngisho evuka phakathi nobusuku ukuze enze iTahajjud (umthanda waphakathi nobusuku wokuzenzela). Ubejwayele ukuvuka ngesikhathi seFajr. Kodwa into ayinakisisa ukuthi uma evula amehlo phakathi nobusuku ubejwayele ukusho izikr ngaphambili kokuthi avale amehlo.

Kodwa isenzo esabonakala ngoHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) kuye ukuthi ubejwayele ukukhuluma kahle ngabantu futhi akaze akhulume into embi ngabantu.

Ngenkathi sekuphele izinsuku ezintathu, futhi uHadrat Abdullah bin Amr (radiyallahu anhu) engakaze abone lutho ezo mangalisa futhi edala ukuthi angene ezulwini. Wabona ukuthi akaye kuye amtshele isizathu sakhe sokuhla naye izinsuku ezintathu.

Wase ehamba eya kuye wathi, ” O sigqila sikaAllah! Akukho kuxaba phakathi kwami nobaba wami kodwa isizathu sokuthi ngifisa ukuhlala nawe ukuthi kudlule izinsuku ezintathu ezilandelanayo uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) esho lesimemezelo,”Umuntu wasebantwini baseJannah uzoqhamuka kulomhlangano, kwase kukuthi kuzo zonke lezinsuku ezintathu, uwe umuntu okade eqhamuka. Kungalesizathu ngifise ukuhlala nawe ukuze ngibone izenzo zakho nendlela oziphatha ngayo futhi ngizolandela lezozenzo ezinhle. Kepha-ke ngoku bhekisisa (izenzo zakho) angibonanga (nafil) izenzo ozenzela ngokwakho ziningi, ngicela ukuthi ungitshele ngesenzo esikhethekile osenzayo ukuze uthole lezindaba ezinhle zokungena eJannah ezisuka kuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam).

UHadrat Abdullah bin Amr (radiyallahu anhu) waphenduka esehamba. Kodwa ngenkathi esehamba uHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) wambiza wathi kuye, “Izona kuphela izenzo engizenzayo lezi obone ngizenza.” kodwa-ke esinye isenzo engisenzayo (ekungaba isizathu sokuthi ngithole izindaba zeJannah) ukuthi angimcabangeli omunye umuntu ububi futhi angibi nomona uma ngibona umuntu onesibusiso esisuka kuAllah.

Ngenkathi uHadrat Abdullah bin Amr (radiyallahu anhu) ezwa lokhu wathi,” yisona lesenzo esidale ukuthi uthole lesigaba esiphezulu futhi yiso lesenzo esihluleka usenza ezimpilweni zethu.”

About admin

Check Also

URasulullah (sallallahu alaihi wasallam) Wenzela UHadrat Sa’d (radhiyallahu anhu) IDu’a

Umcibisholo Owukuqala Owakhishwa Dubulwa KwiIslaam UHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) waba ingxenye yeqembu lamaSahaabah lokuqala elakhishwa …