IJalsah (ukuhlala)

1. Uma wenza iJalsah, beka izandla zakho emathangeni iminwe ifikele laku qala khona amadolo.

2. Uyekele iminwe ngokujwayelekile (ungayiqinisi futhi ungayithambisi).

3. Bhekisa amehlo phakathi kwesifuba nezinyawo uma uhleli kwiJalsah.

4. Gcina unyawo lweskudla luphakeme izinzwane zicindezele phansi zibhekise kwiKiblah.

5. Beka unyawo lwesonxele phansi uhlale phezu kwalo. Zama ukuthi ulincikise kuleli lweskudla ulubhekise kwiKiblah.

6. Hlala esimweni seJalsah umzimba ukhululeke ngaphambili kokuthi wenze iSajdah elandelayo.

7. Yisho iTakbeer ubese wenze leSajdah ngokujwayelekile.

About admin

Check Also

Isitatimende SikaHadrat Imaam Shafi’ee (rahmatullah alayhi)

U-Imaam Shaafi’e ubhale ebhukwini ekuthiwa-Ikhtilaaful Hadith: Asazi noma yimuphi kumakhosikazi ahlonishwayo kaHazrat Rasulullah (sallahu alayhi …