Ebhukwini ekuthiwa iIhya Uloomidden, uImaam Ghazaali ubika lendaba elandelayo njengoba yabikwa uAbdul Waahid bin Zaid Basri (rahmatullah alayhi) othi:
Ngake ngahamba ngaya kwiHajj. Kwaba khona umuntu ohamba nami kulolu hambo. Sonke iskhathi noma ngabe kade ngihamba, ngihleli noma ngimile yena wayehlezi esho iDurood KuRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) ngase ngimbuza isizathu sokwenza kwakhe iDurood eningi kanje. Waphendula :
Ngenkathi ngenza iHajj yami eyokuqala, kade ngihamba nobaba wami, ngenkathi sifika endaweni yokuphumula salala. Ngenkathi silapho, ngabona iphupho elithi kimi, “Vuka ubaba wakho akasekho futhi ubuso bakhe sekushintshe umbala kwabamnyama.” Ngavuka ngikhatazekile kakhulu, ngase ngisusa indwangu ebusweni bakhe ngabona ukuthi ngempela ukuthi akasekho futhi nobuso bakhe sekushintshe kwaba mnyama. Lokhu kwangiphatha kabi kakhulu ngase ngisa ngisaba.
Ngaphinde ngala ngaphupha futhi, kukhona abantu abanebala elimnyama bephethe izinsimbi kusondele ukuthi bamshaye. Ngalesosikhathi kwaqhamuka umuntu ogqoke amashidi amabi akuhlaza ngombala waxosha lamadoda amane. Wase edlulisa izandla zakhe ebisweni bababa wami wase ethi kimi, “Sukuma, ngoba uAllah ushintshe umbala wakhe, sekuyakhanya manje.” Ngase ngimphemdula ngenjabulo enkulu, “Engathi uma ubaba nomama wami banganikelwa ngawe, ungubani wena?” Waphendula wathi, “Igama lami uMuhammed (sallallahu alayhi wasallam).” sukela lapho angikaze ngiyeke ukusho iDurood kuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam).