Ubuhle BaBismillah

بسم الله الرحمن الرحيم

Egameni likaAllah onomusa onesihawu
Kade kuwumkhuba wabantu ngaphambili kokuza kweIslaam ukuthi njalo uma bezoqala noma omuphi umsebenzi kade bejwayele ukuthatha amagama ezithixo ukuze bathole izibusiso.
UAllah wachitha wonke lomkhuba wamaArab asemakhaya, wase endaweni yalomkhuba ebalaya ukuthi bathathe igama laAllah umabezokwenza noma omuphi umsebenzi.
Ingakho, sibona ukuthi ivesi lokuqala leKuraan elafika nengelosi uJibraeel, wamlaya ukuthi aqale iKuraan ngegama likaAllah:

اِقۡرَاۡ بِاسۡمِ رَبِّکَ الَّذِیۡ خَلَقَ ۚ﴿۱﴾

Funda (O Muhammad) egameni likamdali. 
IKuraan namaHadeeth iyaphinda phinda ngokusilaya ukuthi siqale yonke Imisebenzi yethu ngegama laAllah. URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi awukho umsebenzi obalulekile othola izibusiso ngaphandle kokuthi kuqalwe ngegama lakhe elibusisekile.

Isizathu sokuthi iMuslim lilaywe ngokuthi lisho uBismillah umaliqala noma omuphi umsebenzi ukuze abe nesiqiniseko nokholo lokuthi yonke into yenzeka ngomusa kukaAllah ukuthi uyokwazi uqala nokuqeda lowomsbenzi.

Empeleni impilo yeMuslim ilawulwa ukholo ukuthi kungomusa nosizo laAllah ukuthi yonke Imisebenzi ifikela ekupheleni.

Ingakho iMuslim lifundiswa ukuthi lithi Bismillah umalivula (isicabha) noma livala noma limboza isitshe, uma liqalisa ukudla noma ukuphuza noma ligibela isilwane noma lihlika.

Uma sithi “Bismillah” egameni likaAllah, empeleni sisuke sithi siqalisa umsebenzi wethu ngegama nosizo nezibusiso zikaAllah, ngamanye amazwi sisuke sazi ukuthi ngaphandle kwaAllah asikwazi ukwenza lutho noma ngabe mncane kangakanani lowomsbenzi.

Kumele impilo yekholwa iqalise ngokuthatha igama likaAllah. Ngokufana ngaphambili kokuthi uqala ufunde iKuraan silaywe ukuthi sisho uBismillah. Isizathu sokusho uBismillah ukuze sithole usizo olaphezulu futhi sikwazi ukuyifinda kahle iKuraan nokuthi sikwazi ukuqonda umyalezo wayo. Uma sithi “Bismillah” egameni likaAllah, empeleni sisuke sithi siqalisa umsebenzi wethu ngegama nosizo nezibusiso zikaAllah, ngamanye amazwi sisuke sazi ukuthi ngaphandle kwaAllah asikwazi ukwenza lutho noma ngabe mncane kangakanani lowomsbenzi.

Kumele impilo yekholwa iqalise ngokuthatha igama likaAllah. Ngokufana ngaphambili kokuthi uqala ufunde iKuraan silaywe ukuthi sisho uBismillah. Isizathu sokusho uBismillah ukuze sithole usizo olaphezulu futhi sikwazi ukuyifinda kahle iKuraan nokuthi sikwazi ukuqonda umyalezo wayo.

About admin

Check Also

Umlayezo WeSurah Fatiha

Uma uhlola isahluko seSurah Fatiha, uzobona ukuthi umyalezo kaAllah umayelana nokuthi umuntu uyenza kanjani iDua …