UHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) Ukhipha Inkemba Yakhe Ukuze Avikele uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam).
UHadrat Urwah bin Zubayr (radiyallahu anhuma) ubika lokhu okulandelayo:
Ngolunye usuku, usathane wenza amahemuhemu ukuthi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ubanjiwe wase wathathawa abangakholwa endaweni ephakeme yaseMakkah Mukarramah. Ngenkathi uHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) ezwa lamahemuhemu, ngalesosikhathi kade eneminyaka ewu (12), waphuma wahamba phakathi kwabantu ebheka uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam). Laba ababona uHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) bathuka base bethi, “Umfana omcane uphethe inkemba”. Ngenkathi efika kuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam), uRasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wase ebuza ethi, “Ikephi inkinga weZubayr?” UHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) waphendula ngokutshela uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ngamahemuhemu akade esabalala wase ethi, “Ngifike la ukuzoshaya laba abakuthumbile.
Kwenye ingxoxo ebikwa indodana kaHazrat Urwa (rahmatullah alayhi), ‘UHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) umuntu wokuqala owakhipha inkemba endleleni kaAllah. Lengxoxo iqhubeka ithi ngenkathi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ezwa inkulumo kaHadrat Zubayr (radiyallahu anhu), wamenzela iDua.
Isaziso: Zihlukene izingxoxo mayelana neminyaka kaHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) ngokuthi wayamukela eneminyaka emingakhi iIslaam. Kunemibono emibili ehlukile esuka kuUrwa bin Zubayr (rahmatullah alayhi), uAbul Aswad ubika kusuka kuUrwa (rahmatullah alayhi) ukuthi uHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) kade eneminyaka ewu (12) ngenkathi amukela iIslaam. Aphinde futhi uHishaam bin Urwah abike kusukela kubaba wakhe, uUrwah (rahmatullah alayhi) ukuthi kade eneminyaka ewu (16). UHishaam bin Urwah (rahmatullah alayhi) uthi umbono wakhe ukuthi uZubayr (radiyallahu anhu) kade eneminyaka ewu (15) ngenkathi amukela iIslaam. Kunomunye umbono othi kade eneminyaka ewu (8) ngenkathi amukela iIslaam futhi yena wamukela iIslaam masishana emvakokuthi uHadrat Abu Bakr (radiyallahu anhu) amukela iIslaam.