Ngokulaya umuntu ukuthi athathe igama elikaAllah uma ezoqalisa noma omuphi umsebenzi, iIslam inika umuntu umcabango omusha empilweni. Ufundiswa ukuthi yonke imizamo yakhe kumele ayibhekise kuAllah.
Ngalo lonke unyawo alithatha empilweni futhi noma omuphi umsebenzi awenzayo, ngokuthatha igama likaAllah, Uvuselele isivumelwano sakhe noAllah, esokufakaza ukuthi ayikho into ezokwenzeka ngaphandle kosizo laAllah.
Ngaleyondlela zonke izinto nemisebenzi ayenzayo empilweni yakhe, uyenza ebeke uAllah emqondweni wakhe futhi ethatha igama lakhe ngaphambili kwaso sonke isenzo.
Ngalendlela zonke izenzo zakhe ezijwayelekile ziphenduka zibe ukukhonza. Saze salula lesenzo, kodwa yaze yankulu inzuzo.