Indaba KaHadrat Ebrahim bin Khawaas

Kubikiwe encwadini ekuthiwa i”Nuzhatul Basateen” ukuthi uEbrahim bin Khawaas (rahmatullah alayhi) uthi:

Ngelinye ilanga ngisendleni ngenza uhambo, ngonyelwa amanzi ngaze ngaquleka. Ngenkathi ngilele phansi, ngezwa umuntu engithela ngamanzi ebusweni bami. Ngenkathi ngivula amehlo ami, ngabona umlisa ogqoke kahle egibele ihhashi eduze kwami. Wase enginika amanzi ukuthi ngiphuze wase engicela ukuthi ngihambe naye. Ngenkathi sengihambe naye isikhashana, wase engibuza, “Ubonani?” Ngaphendula ngathi, “La ise Madeena Tayyibah.” Wase ethi, ungahlika la, hamba uye ethuneni elibusisekile laRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ungidlulisele izikhonzo zami. Umtshele ukuthi ubhuti wakhe uKhidar uyakhonza (uthumela amaSalaam).

About admin

Check Also

Iphunga Elimnandi Ngenxa Yokusho IDurood Eningi

Umkhwenyana wakwaMoulana Fayzul Hasan Sahaaranpuri (rahmatullah alayhi) wake wathi KuHadrat shaykhul Hadeeth uMoulana Muhammad Zakariya …