Amanxeba Endleleni KaAllah Ta’ala
UHafs bin Khallaad ubika ukuthi elinye ikhehla elafika eMowsil lambikela lokhu okulandelayo:
Ngake ngahamba noZubayr (radiyallahu anhu) kweminye yohambo lakhe. Ngenkathi sisendleleni safika endaweni evulekile engenalutho, uHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) wadinga ukuthi ageze ukugeza okuyimpoqo. Wase ethi kuye ngifihle (ngendwangu ukuze ngingabonwa abantu ngifuna ukugeza).” Ngase ngimbomza ngenkathi ngimboza ngabona amanxeba angaphezulu komzimba wakhe okushawa ngenkemba. Ngase ngithi kuye,” Ngiyafunga ngoAllah ukuthi ngibona amanxeba emzimbeni wakho engingakaze ngiwabone emzimbeni womunye umuntu!“ UHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) wase ebuza ethi,”Uwabonile ngempela? “ Ngenkathi ngiphendula ukuthi ngiwabonile, wathi,”Ngiyafunga ngoAllah ukuthi alikho inxeba enginalo ngaphandle kokuthi ngalithola ngihamba noRasulullah (sallallahu alayhi wasallam) ngilwa ngabangakholwa endleleni kaAllah.
(Tahzeeb-ul-Kamaal 9/321)
UUrwah (rahmatullah alayhi) uthi,”UHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) wathola amanxeba amathathu amakhulu ngenxa yokushawa ngenkemba, leli ekade lisemahlombe kade linkulu ngalendlela yokuthi kade ngijwayele ukufaka iminwe yami noma kade selaphola. UHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) wathola inxeba elilodwa empini yaseBadr amanxeba amabili empini yaseYarmuk.”