اَلۡحَمۡدُ لله
Konke ukudumiswa okwaAllah
LeSurah (isahluko) iqala ngamazwi athi “الحمد لله” (konke ukudumiswa okwaAllah), okukhombisa ukuthi konke ukuduniyswa kungo kwaAllah yedwa. Umuntu odumisa enye into edaliwe emhlabeni ekugcineni usuke edumisa umdali wazo zonke izinto – uAllah, ngoba uma uthanda into eyakhiwe kuchaza ukuthi uthanda umakhi wayo.
Ngakho-ke, uma udumisa uAllah owadala yonkinto, ukudumisa noma yini kuchaza ukudumisa umdali wayo ngoba uye owayinika ubuhle nobukhazikhazi.
Uma uhlola umhlaba nezinto ezakhiwe, kunento eheha umuntu ebuhleni nasebukhazikhazini bayo, kodwa uma ubheka uyobona ukuthi kunomuntu olawula yonke into la emhlabeni ayivumele ukuthi isebenze kahle futhi umuntu uyobona ukuthi akekho omunye umuntu owenza lokho ngaphandle kwaAllah kuphela.
Empeleni yonke into edaliwe ebuhleni bayo ikhombisa amandla nokuphakama kwaAllah kuphela.
Uma umuntu eqala ebona ukuthi kunomuntu oyedwa kuphela ofanelwe ukudumiswa uyobona ukuthi uAllah kuphela ofanelwe ukudumiswa. Lokho sikubona ngalamazwi u” الحمد لله ” (konke ukudumiswa okwaAllah) lokhu kukhombisa ukudumiswa futhi ichaza ukuthi ikhipha ukukhonza kwezinye izinto nokukhonza kwezinto ezidaliwe, isungule ukholo leTauheed (ukukholelwa ebunyeni bukaAllah).
Ngakho-ke, sibona ukuthi ivesi lokuqala kwiKuraan lisungula umthetho owokuqala obalulekile kwiIslaam okuyiTauheed – ubunye bukaAllah.
Alislaam.com – Zulu