Umsizi Okhethekile KaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam)

Ukuthola Igama Elithi “Msizi Okhethekile” KaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam)

Ngenkathi kuyimpi eyaqanjwa ngeAhzaab, lempi iphinde ibizwe ngempi yaseKhandaq (impi yomsela), amaMuslim athola ulwazi lokuthi iqembu leBanu Kurayzah liphule isithembiso sokubambisana noRasulullah (sallallahu alayhi wasallam) bazibandakanya nezitha. Ukuze uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) abe nesiqiniseko salolwazi alitholile wabuza amaSahaabah (radiallahu anhum), “Ubani ozongilethela ulwazi la labantu?”

UHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) waphendula ngokushesha ukuthi uzohamba ayohlola alethe ulwazi mayelana neBanu Kurayzah kuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam).

Emvakweskhathi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) waphinda wabuza ubani ozongilethela ulwazi la labantu (iBanu Kurayzah)?“ Waphinda wabuza futhi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam), uHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) waphinde wazinikela ukuthi uye ozohamba. URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wabuza okwesithathu,”Ubani ozongilethela ulwazi la labantu?” nanga lesikhathi uZubayr (radiyallahu anhu) waphinda wazinikela. Kunga lesiskhathi lapho uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wajabula futhi wathokoza ngoZubayr (Radiyallahu anhu) wathi, “Sonke isithunywa sinomsizi okhethekile, umsizi wami okhethekile uZubayr bin Awwaam (radiyallahu anhu).”

About admin

Check Also

Umakhelwane KaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) EJannah

UHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) Ukhipha Inkemba Yakhe Ukuze Avikele uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam). UHadrat Urwah …