Ka’dah (ukuhlala) nokwenza iSalaam

1. Emva kokwenza iSajdah yesbili yeRakaat lesibili, hlala kwiKa’dah njengoba besichazile kwiJalsa.

2. Usho iTashahud.

اَلتَّحِيَّاتُ لِلّٰهِ وَالصَّلَوَاتُ وَالطَّيِّبَاتُ اَلسَّلَامُ عَلَيْكَ أَيُّهَا النَّبِيُّ وَرَحْمَةُ اللهِ وَبَرَكَاتُهُ اَلسَّلَامُ عَلَيْنَا وَعَلٰى عِبَادِ اللهِ الصَّالِحِيْن أشْهَدُ أنْ لَّا إلٰهَ إلَّا اللهُ وَأشْهَدُ أنَّ مُحَمَّدًا عَبْدُهُ وَرَسُوْلُهُ

Konke ukukhonza kolimi, okomzimba, okwemali okwaAllah kuphela. Engathi umusa okhethekile kaAllah ungaba kuwe O mprofethi. Engathi ukuthula kungaba kithi nazo zonke izinceku zikaAllah. Ngiyafakaza ukuthi akekho omunye umdali ngaphandle kwaAllah futhi umprofethi Muhammed (sallallahu alayhi wasallam) uyisthunywa nesigqila sakhe.

3. Uma usuthi ان لا اله الا الله thinthisa isithupha kumunwe osesphakathini uphakamise umunwe wokukhomba uwubhekise kwiKiblah, le eminye iminwe isale igoqiwe. Uma usuthi الا الله hlisa umunwe wokukhomba. Isithupa nomunwe wasesephakathini uzosala kanjalo uma usahleli. Ubeke isandla sonxele ethangeni sivuleke ngokujwayelekile.

4. Uma wenza iSalaah enamaRakaat amathathu (3) noma amane (4) kumele ungasho lutho ngaphandle kwaleTashahud eshiwo. Emva kokusho iTashahud sukumela iRakaat lesithathu.

 5. Uma kuyiKa’dah yokugcina (ukuhlala kokugcina) kumele usho IDurood-e-Ebrahim emva kweTashahud ulandelise ngeDu’a esuka kwiKuraan noma iHadeeth.

IDurood-e-Ebrahim ikanje

اَللّٰهُمَّ صَلِّ عَلٰى مُحَمَّدٍ وَّعَلٰى اٰلِ مُحَمَّدٍ كَمَا صَلَّيْتَ عَلٰى اِبْرَاهِيْمَ وَعَلٰى اٰلِ اِبْرَاهِيْمَ اِنَّكَ حَمِيْدٌ مَّجِيْدٌ

اَللّٰهُمَّ بَارِكْ عَلٰى مُحَمَّدٍ وَّعَلٰى اٰلِ مُحَمَّدٍ كَمَا بَارَكْتَ عَلٰى اِبْرَاهِيْمَ وَعَلٰى اٰلِ اِبْرَاهِيْمَ اِنَّكَ حَمِيْدٌ مَّجِيْدٌ

O Allah! Ethula umusa wakho kumprofethi Muhammad (sallallahu alayhi wasallam) nomdeni wakhe njengoba wehlisa umusa wakho kumprofethi uEbrahim nomndeni wakhe. Ngempela uwena ofanelwe ukudumiswa futhi uwena ophakeme. 
O Allah! Busisa uHadrat Muhammed (sallallahu alayhi wasallam) nomdeni wakhe njengoba wabusisa umprofethi uHadrat Ebrahim (alayhisallaam) nomdeni wakhe. Ngempela uwena ofanelwe ukudumiswa uwena ophakeme. 
Ungabe ususho leDu’a elandelayo esungulwe kwiHadeeth:

اَللّٰهُمَّ إِنِّيْ ظَلَمْتُ نَفْسِيْ ظُلْمًا كَثِيرًا وَلَا يَغْفِرُ الذُّنُوْبَ إِلاَّ أَنْتَ فَاغْفِرْ لِيْ مَغْفِرَةً مِّنْ عِنْدِكَ وَارْحَمْنِيْ إِنَّكَ أَنْتَ الْغَفُوْرُ الرَّحِيْم

O Allah! Ngizicindezele kakhulu (ngokwenza izono) futhi akekho okwazi ukungithethelela ngaphandle kwakho, ngiyakucela ungithethelele ngomusa wakho okhethekile osuka kuwe futhi ungikhombise umusa, ngoba ngempela uwe othethelelayo uwe onomusa kakhulu.
6. Uma uqeda ukwenza iDua yakho, enza iSalaam ngokuthi,

اَلسَّلَامُ عَلَيْكُمْ وَرَحْمَةُ اللهْ

Ube ujikisa ikhanda lakho eceleni lwesokudla, uphinde ujikisa ikhanda lakho eceleni lwesonxele.
7. Ungalehlisi ikhanda noma ulibhekise phezulu uma wenza iSalaam.
8. Uma wenza iSalaam kunanoma eliphi icala, bhekisa amehlo akho emahlombe.
9. Bhekisa ibuso bakho emaceleni kungangokuthi umuntu osemuva kwakho angakwazi ukubona ishlathi sakho.
10. Emva kokwenza iSalaam, yisho u أَسْتَغْفِرُ الله (astaghfirullah) kathathu.
11. Yenza iDua ngoba lesikhathi esokwamukelwa kwamaDu’a.
12. Yisho iTasbeeh-e-Faatimi emvakwa wonke amaSalaah. ITasbeeh-e-Faatimi ukuthi Subahanallah kawu (33), Alhamdulilah kawu (33), uAllahu Akbar kawu (33) ubese uhlanganisa u (100) ngokuthi :

لَا إِلٰهَ إلَّا اللهُ وَحْدَهُ لَا شَرِيْكَ لَهُ لَهُ الْمُلْكُ وَلَهُ الْحَمْدُ وَهُوَ عَلٰى كُلِّ شَيْءٍ قَدِيْر

Akekho omunye umdali ngaphandle kwaAllah kuphela, akabambisene namuntu, ubukhosi bonke okwakhe futhi konke ukudumiswa okwakhe futhi unamandla ngaphezulu kwayo yonke into.

About admin

Check Also

ISajdah (ukuguqa)

1. Yisho iTakbeer, ngaphandle kokuphakamisa izandla uye kwiSajdah (uguqe). 2. Qinisekisa ukuthi umqolo wakho uqondile …