Into Eyenzeka kuShaykh Abul Khayr Aktaa (rahmatullah alayhi)

UShaykh Abul Khayr Aktaa (rahmatullah alayhi) uthi:
Ngenkathi ngifika eMadina Tayyibah ngahlala izinsuku eziwu (5), ngahlangabezana nokuhlupheka nobunzima. Ngase ngiya ethuneni elibusisekile laRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ngamubingelela futhi ngase ngiya ethuneni laAbu Bakr noUmar (radiyallahu anhu), ngase ngithi kuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam), O Rasullullah (sallallahu alayhi wasallam)!, namhlanje ngifisa ukuba isivakashi sakho.”
Emvakwalokho, ngashiya leyondawo ngahamba ngayolala emuva kweMimbar. Ngabona iphupho, ngabona uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) emile noAbu Bakr eceleni lweskudla, eceleni lwesonxele uUmar ngaphambili kwakhe uHadrat Ali (radiyallahu anhu). UAi (radiyallahu anhu) weza kimi wase ethi, “Sukuma, uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) uyeza.” Ngasukuma ngokushesha ngaqabula uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) phakathi kwamehlo akhe. Wase engipha isinkwa, ingxenye yaso ngayidla enye ingxenye ngase ngiyibeka. Ngenkathi ngivuka lenye ingxenye kade isesandleni sami.

 

About admin

Check Also

Indaba Ngokishintsha Kombala Wobuso

Ebhukwini ekuthiwa iIhya Uloomidden, uImaam Ghazaali ubika lendaba elandelayo njengoba yabikwa uAbdul Waahid bin Zaid …