Umdali Wamazwe Wonke

رَبِّ الۡعٰلَمِیۡنَ

Umdali wamazwe wonke.

Leligama elithi ‘رب’ lichaza ukuthi lowo odala yonke indalo, ayondle aphinde ayidlulise emazingeni ahlukile ize iphelele. Siyabona ukuthi lesibaluli esika ‘رب’ sikhethekile kuAllah kuphela futhi akhekho onengxenye kuso.

Leligama elithi “علمين” (amazwe) liqonda ukuthi amazwe ahlukene lawa adalwa uAllah. Izwe elilodwa ileli esihlala kulo. Lelizwe liyabonakala kumuntu. Kodwa kunamanye amazwe adalwa uAllah angabonakali kumuntu.

Leligama elithi “علمين” lingaphinde libhekise kwezinye izinhlobo zendalo njengabantu, izilwane, imoya futhi kanye nezingelosi. Lendalo ibuye iphinde ibizwe ngamazwe ahlukene (izwe lomuntu, izwe lemoya, izwe lezilwane).

Kepha-ke uma uAllah ethi “الحمد لله رب العالمين” (konke ukudumiswa okwaAllah kuphela), kuchaza ukuthi konke ukudumiswa kungenxa yomuntu owaletha indalo, wayondla, wayinakekela kwaze kwaphela isikhathi, ezweni la lihlala khona.

About admin

Check Also

Incazelo Yenxgenye Yokuqala (uwena kuphela esimkhonzayo)

Njengoba kuchaziwe phambilini, ukuthi igama elithi “Ibaadah” lichaza ukuzithoba kakhulu ngokukhombisa uthando nenhlonipho. Kusobala ukuthi …