Umuntu Othandekile KuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam)

Isexwayiso Ngokusho AmaHadeeth Asuka KuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam)

UHadrat Abdullah bin Zubayr (radiyallahu anhu) ubika ukuthi wake wabuza ubaba wakhe, uHadrat Zubayr (radiyallahu anhu), “Kungani ungawasho amaHadeeth aRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) njengamanye amaSahaabah (radiyallahu anhum) ewasho?”

UHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) waphendula ethi, “Angisukanga eceleni kwaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) selokhu ngamukela iIslaam (kuchaza ukuthi ngiyakwazi ukuwasho amaHadeeth asuka kuye). Kodwa, ngelinye ilanga, ngezwa uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) esho enye into (engisabisayo ukusho amaHadeeth). Ngezwa uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ethi, “Umuntu oqamba amanga ngami (ozakhela amaHadeeth, aqede athi asuka kumina) kumele azilungisele indawo yakhe esihogweni.”

 

About admin

Check Also

UHadrat Abu Ubaydah (radiyallahu anhu) Ubalwe Phakathi Kwaba Lungile Kakhulu

Umusa Nokuziqhelisa (ezintweni zasemhlabeni) kwa Hadrat Abu Ubaydah (radiyallahu anhu) Ngelinye ilanga, uHadrat Umar (radiyallahu …