IDua Ekhethekile KaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) Le Wayenzela UHadrat Zubayr (radiyallahu anhu)

Ukubamba Iqhaza Empini YaseBadr

UIsmaa’eel bin abi Khaalid ubika ukuthi uBahiyy (rahmatullah alayhi) wathi, “kade bebabili abantu abelwa begibele amahhashi empini yaseBadr. Oyedwa uHadrat Zubayr (radiyallahu anhu), okade elwa eceleni lwesokudla, omunye kade kunguHadrat Mikdaad bin Aswad (radiyallahu anhu) okade elwa eceleni lwesonxele.

UHishaam bin Urwah ubika ukuthi ubaba wakhe, ‘uUrwah (rahmatullah alayhi) wathi, “UHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) kade egqoke iTurban enombala osaqanda (iturban into eyisgqoko ecishe ifane nomqhele) ngosuku lwempi yaseBadr. UHadrat Jibreel (alayhisallaam) wehlika efana noHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) (kuchaza ukuthi naye kade egqoke iTurban enombala osaqanda).”

About admin

Check Also

Izindaba Ezinhle ZaHadrat Zubayr (radiyallahu anhum) Ezokungena EJannah

Ukuphendula Isimemezelo Esika Rasullullah (sallallahu alayhi wasallam) Emvakwempi YaseUhud Ngelinye ilanga uHadrat Ayesha (radiyallahu anha) …