Ukuthethelelwa Ngenxa Yesibusiso SeDurood

Enye inceku yake yasho lendaba elandelayo:

Ngake ngabona umuntu waye kade ebizwa ngo’Mistah’ ephupheni emvakokuthi ashone. Kade engumuntu owenza izono impilo yakhe yonke. Ngenkathi ngimbona ephupheni, Ngambuza ukuthi ukuphathe kanjani uAllah? ” Waphendula wathi,” UAllah ube nomusa kumina wangithethelela.” Ngase ngimbuza,” Ngasiphi isenzo? ” Waphendula wathi,” Ngelinye ilanga, ngake ngabuza elinye iMuhadis (umuntu owazi amazwi kaRasullullah) lingifundele iHadeeth ihambisane namagama abantu ayithatha kubona. Ngenkathi esho igama laRasullullah (sallallahu alayhi wasallam), washo iDurood kuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) nami ngase ngisho iDurood ngezwi eliphezulu. Ngenkathi ngisho iDurood ngezwi eliphezulu nabantu akade bekhona basho iDurood kuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam). Ngaleyonkathi uAllah wathethelela zonke izono zethu.

 

About admin

Check Also

Iphunga Elimnandi Ngenxa Yokusho IDurood Eningi

Umkhwenyana wakwaMoulana Fayzul Hasan Sahaaranpuri (rahmatullah alayhi) wake wathi KuHadrat shaykhul Hadeeth uMoulana Muhammad Zakariya …