Ukujabula KwaRasullullah NgoHadrat Zubayr (radiyallahu anhu)

UHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) Uqamba Amadodana Akhe Ngamagama Alaba Abashonela EUhud Belwa Endleni KaAllah

UHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) wake wathi:

“Impela, uTalha bin ubaydillah (radiyallahu anhu) unika amadodana akhe amagama abaprofethi, kepha uyazi ukuthi akekho omunye umprofethi oyolandela emva kwamprofethi Muhammad (sallallahu alayhi wasallam). UHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) wase ethi,”Mina nginika izingane zami amagama alaba abafela eUhud ukuze nabo bengabusiswa ngokufela endleleni kaAllah.”

Ngaleyondlela, waqamba indoda yakhe ngoAbdullah ebhekise kuAbdullah bin Jahash (lo owashonela empini yaseUhud).

Waqamba enye indodana yakhe uMunzir ebhekise kuMunzir bin Amr (lo owashonela eBir Maoonah).

Waqamba enye uUrwah ebhekise kuUrwah kuUrwah bin Mas’ood (radiyallahu anhu) (lo owabulawa abantu bakhe ngenkathi ebamema ukuthi abamukele iIslaam).

Waqamba enye indodana yakhe uHamzah ebhekise kuHamzah bin Abdil muttalib (lo owashonela empini yaseUhud).

Waqamba enye indodana yakhe uJa’far ebhekise kuJa’far bin Abi Taalib (radiyallahu anhu) (lo owashonela empini yaseMut’aah).

Waqamba enye indodana yakhe uMus’ab ebhekise kuMus’ab bin Umayr (radiyallahu anhu) (lo owashonela empini yaseUhud).

Waqamba enye indodana yakhe uUbaidah ebhekise kuUbaidah bin Haaris (radiyallahu anhu)) (lo owashonela empini yaseBadr).

Waqamba enye indodana yakhe uAmr ebhekise kuAmr bin Saeed (radiyallahu anhu) (lo owashonela empini yaseYarmook).

About admin

Check Also

IDua Ekhethekile KaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) Le Wayenzela UHadrat Zubayr (radiyallahu anhu)

Ukubamba Iqhaza Empini YaseBadr UIsmaa’eel bin abi Khaalid ubika ukuthi uBahiyy (rahmatullah alayhi) wathi, “kade …