IDurood Iwumthombo Wabaphilayo Nabafile

Encwadini ekuthiwa iRawdul Faa’ik Kubikwe lendaba elandelayo:

Kwakukhona umama onendodana ekade yenza izenzo ezibi. Noma ngabe kade eyikhuza kangakanani umama wakhe. Akaze ilalele izexwayiso zakhe. Esakuleso simo, engakaze acele intethelelo yezono zakhe washona kanjalo. Umawakhe waphatheka kabi ngoba ushone ngaphandle kwentethelelo. Wase waba nesifiso esikhulu sokumbona ephupheni. Ngenkathi embona ephupheni wakhathazeka kakhulu ngoba wambona edlula ekujezisweni.

Emvakweskhathi, waphinde wambona ephupheni futhi. Kodwa-ke kuleso sikhathi wambona ejabulile kakhulu futhi epholile. Ngenkathi embuza isizathu sokushimysha kwesimo sakhe waphendula wathi,:

“kudlule isoni esikhulu emathuneni ethu. Ngenkathi ebona amathuna ethu wakhathazeka kakhulu futhi waba nokusaba wase ezitshela ukuthi kumele alungise izenzo zakhe alandele imithetho kaAllah ngaphambili kokuthi kudlule isikhathi. Wase wakhala kakhulu ngenxa yezono zakhe ezakudala futhi ngenhliziyo eqotho wacela intethelelo yezono zakhe ezidlulile. Wafunda amavesi ambalwa eKuraan futhi washo iDurood kumprofethi (sallallahu alayhi wasallam) kawu (20) wase edlulisela isibusiso kulaba abasemathuneni. Mina kade ngingo munye wabamukeli balesibusiso futhi lenxgenye eyafikela kumina, umphumela wayo ukuthi wangisusa kulesimo ekade ngikuso phambilini.

“O mama, iDurood eshiwo kumprofethi (sallallahu alayhi wasallam) ikhanyisa inhliziyo, ithethelela izono futhi iwumthombo womusa wabantu abaphilayo nabafileyo.”

About admin

Check Also

Ukuthethelelwa Ngenxa Yesibusiso SeDurood

Enye inceku yake yasho lendaba elandelayo: Ngake ngabona umuntu waye kade ebizwa ngo’Mistah’ ephupheni emvakokuthi …