Umphatheli Okhethekile Walesizwe

Ukuthembeka Okukhulu KwaHadrat Abu Ubaydah bin Jarrah (radiyallahu anhu)

Emvakokuthi abantu baseNajraan bamukele iIslaam, bafika kuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) bacela ukuthi abanike umuntu othembekile (ozobafundisa iIslaam).

URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi kubona :

لابعثن إليكم رجلا امينا حق امين

“Ngizonithumela umuntu othembekile, ngempela uthembekile kakhulu.”

Ngalesosikhathi amaSahaabah (radiyallahu anhum) lawa kade ekhona wonke abanesifiso sokuthola lelo zinga eliphezulu. URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wase eqoka uHadrat Abu Ubaydah bin Jarrah (radiyallahu anhu) ukuthi akahambe aye kubantu baseNajraan ayobafundisa iIslaam.

Ngenkathi uHadrat Abu Ubaydah bin Jarrah (radiyallahu anhu) esukuma elungisela ukuhamba. URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi mayelana naye, “Lomuntu ugumphatheli (okhethekile) walesizwe.”

Isaziso : Izinga lokuthembeka kade kuyindlela amaSahaabah (radiyallahu anhum) kade ephila ngayo, kodwa izinga lokuthembeka kwaHadrat Abu Ubaydah bin Jarrah (radiyallahu anhu) kade likhethekile empilweni yakhe, kungakho anikwe lesikhundla.

 

About admin

Check Also

Isishoshovu Esikhulu Phakathi Kwezishoshovu ZeIslaam

Ekugxileni KwiIslaam UAbul Aswad ubika lokhu okulandelayo: UHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) wamukela iIslaam eneminyaka ewu(8),wase …