ISalaah Yabesifazane

Sonke isici seIslaam esiphathelene nabantu besifazane sihambisana namahloni nesizotha. Mayelana nalokhu iIslaam ikhuthaza abesifazane ukuthi bahlale ezindlini zabo ukuze bezofihleka emadodeni ayizihambi futhi bangaphumi ezindlini zabo ngaphandle kwesizathu esisile.

Indlela bayalwe ngayo ukuthi benze iSalaah sukela ekugqokeni nendlela abanyakaza ngayo kwiSalaah kukhombisa ukubaluleka kokuzifihla.

Yingakho iSalaah yabantu besifazane ikhombisa isizotha esiphezulu kakhulu ekumele umuntu owesifazane ekumele asikhombise. Lamahloni nesizotha abalaywa ngaso kwiSalaah kumele basikhombise ezimpilweni zabo.

About admin

Check Also

Ngaphambi KweSalaah 2

3. Mboza wonke umzimba kuhlanganise nezinwele. Ubuso kuphela, izinthende nezinyawo zingavezwa. 4. Lungiselela iSalaah kusenesikhathi …