Izindaba Ezinhle Zokusho IDurood

UHadrat Muhammad bin Maalik uthi:

Ngahamba ngaya ebhaghdaad ngiyofunda kuShaykh Abu Bakr bin Mujaahid (rahmatullah alayhi). Ngenkathi sihleli naye simzungezile sifunda. Kwangena ikhehla ligqoke iTurban ekhanda, ligqoke izingubo ezidabukile limbethe itshali emahlombe. Ngenkathi UShaykh Abu Bakr (rahmatullah alayhi) embona, wasukuma ngenhlonipho wahlalisa lelikhehla endaweni yakhe, wase embuza ngempilo yakhe nenhlalakahle yomndeni wakhe.

Lelikhehla laphendula lathi, “Izolo ebusuku, ngizalelewe indodana, wase umkami engicela ibhotela noju.” Ngenkathi ezwa ngosizi lalelikhehla, ushaykh waphatheka kabi ngenkathi ekulesosimo wacimela wazela wabona uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ephupheni.

URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi kuye,”We’ Abu Bakr! , kungani udabukisa, hamba uye kungqonqoshe wezimali ,uAli bin Isa, ungikhonzele kuye ngeSalaam, uthi kuye, ‘wena uyindoda engalali ngolwesihlanu ungayishongo iDurood eyi (1000), kodwa namhlanje usho amaDurood awu (700) ngoba isithunywa senkosi sikuphazamisile ngenkathi uyisho (iDurood) ukuthi inkosi iyakubiza. Ngenkathi uyekhona ngenkathi ubuya waqedela ukusho iDurood yakho. Emvakokuthi umtshele lokho umtshele ukuthi akunike imali eyegolide ewu(100) ubese uyinika ikhehla ukuze azonakekela izidingo zengane yakhe ezelwe.”‘

UShaykh Abu Bakr (rahmatullah alayhi) wasukuma ngokushesha wahamba nalo ikhehla waya kungqonqoshe, ngenkathi befike kuye wase ethi kuye,”URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) uthumele lelikhehla kuwe.” Ngenkathi ungqonqoshe ezwa lezindaba wasukuma wahlalisa lelikhehla endaweni yalo. UShayk Abu Bakr (rahmatullah alayhi) wase emtshela udaba lonke olenzekile.

Ungqonqoshe wajabula kakhulu. Wase etshela isgqila sakhe ukuthi asimlethele imali ekade isesikhwameni, wase emnika imali engamagolide awu (100). Wase ethatha enye imali eyegolide ewu (100) wayinika UShaykh Abu Bakr Mujaahid (rahmatullah alayhi), kodwa yena wanqaba. Kodwa ungqonqoshe wamphoqa ukuthi akayithathe. Wase ethi kuye,”Ithathe ngenxa yokuthi ungilethele izindaba ezinhle. Lensenzo sami kade siphakathi kwami noAllah kuphela akekho omunye umuntu okade enolwazi ngaso.” Wase ephinda ethi that enye imali eyegolide ewu (100). Ungijabulisile namhlanje ngokuthi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) unolwazi ngeDurood yami engiyisho kuye.” Wase ephinda futhi ethi thatha enye imali eyegolide ewu (100) ngokukhathazeka kwakho kokuza la.

Ngalendlela wagcina esethathe imali eyegolide eyi (1000). Kodwa ushaykh Abu Bakr Mujaahid (rahmatullah alayhi) wanqaba ethi,”URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) uthe asithathe imali eyegolide ewu (100) kuphela, ngakho-ke angeke sithathe engaphezulu kwaleyo.”

About admin

Check Also

Ukuhlonishwa UAllah Ngenxa Yokusho IDurood Eningi

Kubikiwe mayelana uAbul Abbaas, Ahmad bin Mansoor (rahmatullah alayhi), emva kokuthi ahambe la emhlabeni, omunye …