Kulama vesi amathathu adlule umuntu uyakwamukela ukuthembela kwakhe kuAllah ngakho konke okudlule, okwenzekayo nokusazokwenzeka.
Evesini elokuqala uAllah uchaza ukuthi nguye inkosi yemihlaba yonke. UAllah uthi, “Ukudumisa konke okwaAllah, Nkosi yemihlaba yonke.” kulelivesi sibona ukuthi uAllah yedwa kuphela, owaletha indalo futhi uye kuphela oyondlayo futhi uyayinakekela kuzo zonke izigaba zempilo yayo. Ingakho umuntu kumele azi ukuthi uthembela kuAllah ezintweni ezidlulile nezisazokwenzeka.
Evesini elesibili uAllah uchaza izinga lokukhombisa umusa wakhe owaphezulu endalweni yakhe, uAllah uthi, “Onomusa, onesihawu.” kulelivesi sibona ukuthi ngaso sonke isikhathi la emhlabeni umuntu uthembele kuAllah kuphela ukuze aqhubeke aphile kepha futhi kulelivesi umuntu uyakhumbuzwa ukuthi kumele azi ukuthi uthembele kuAllah ezintweni ezidlulile, ezenzekayo nezisazokwenzeka, uAllah uye owamkhombisa umusa esikhathina esadlula futhi uye osamkhombisa umusa manje
Alislaam.com – Zulu