Izindaba Ezinhle Ezokungena EJannah EzaHadrat Abu Ubaydah bin Jarrah (radiyallahu anhu)

Isifiso SikaHadrat Umar (radiyallahu anhu) Ukuthi Abusiswe Ngegumbi Eligcwele Abantu Abanjengo Hadrat Abu Ubaydah bin Jarrah (radiyallahu anhu)

Ngelinye ilanga uHadrat Umar waye kade ehleli nabantu wase ebabuza lombuzo olandelayo, “Ngicela ningitshela ukuthi yini isifiso senu?”

Oyedwa waphendula wathi, “Isifiso sami ukuthi ngibe negumbi eligcwele imali eyamasiliva ukuze ngizoyisebenzisa yonke endleleni kaAllah.”

UHadrat Umar (radiyallahu anhu) wase ekhuluma nabantu ebuza umbuzo futhi ethi, “Ngitsheleni ukuthi esiphi isifiso eninaso?”

Omunye waphendula wathi, “Isifiso sami ukuthi ngibe negumbi eligcwele imali eyegolide ukuze ngizonikela ngayo yonke endleleni.”

UHadrat Umar (radiyallahu anhu) waphinda wabuza umbuzo ofanayo futhi, “Ngitsheleni ukuthi esiphi isifiso eninaso?”

Umuntu owesithathu wasukuma wathi, “Isifiso sami ukuthi ngibe negumbi eligcwele amatshe akhethekile abizayo ukuze ngizo nikela ngawo wonke endleleni kaAllah.”

UHadrat Umar (radiyallahu anhu) wase ebuza lombuzo okwesini ebuza ukuthi ukhona yini onesfiso anaso kepha bonke baphendula bathi abanazo izifiso ngaphandle kwalezi abazishilo.

UHadrat Umar (radiyallahu anhu) wase esho isifiso sakhe ethi,”Isifiso sami ukuthi ngibe negumbi eligcwele amadoda afana noAbu Ubaydah bin Jarrah, uMuaaz bin Jabal noHuzayfa bin Yamaan (radiyallahu anhum) ukuze ngizoba sebenzisa bonke endleleni kaAllah (kuchaza ukuthi ukuze azoba sebenzisa ukuthi basabalalise inkolo yeIslam emhlabeni).”

About admin

Check Also

Ukuphana kwaHadrat Zubayr (radiyallahu anhu)

Ukuphana kwaHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) UHishaam bin Urwah (radiyallahu anhu) ubika ukuthi amaSahaabah awu (7) …