Othandekile KuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam)

UHadrat Abu Ubaydah bin Jarrah (radiyallahu anhu) Uphuma Amazinyo Empini YaseUhud

Ngenkathi kuyimpi yaseUhud. UHadrat Rasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wahlaselwa izitha kanzima, okwadala ukuthi izinsimbi ezimbili zesgqoko sakhe sokuzivikela zangena ebusweni baRasullullah (sallallahu alayhi wasallam).

UHadrat Abu Bakr (radiyallahu anhu) noHadrat Abu Ubaydah (radiyallahu anhu) bagijima bayosiza uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam). UHadrat Abu Ubaydah (radiyallahu anhu) waqala wasusa insimbi eyokuqala ngamazinyo akhe. Ngenkathi esasusa insimbi eyokuqala kwaphuma izinyo lakhe elilodwa. Ngokungazisoli waphinda futhi wazama ukususa lensimbi eyesbili ngamazinyo akhe. Waphumelela ngokuysusa nayo futhi kodwa ngenkathi eseqedilie ukuysusa walahlekelwa elinye izinyo elesibili futhi.

Ngenkathi esezisusile izinsimbi igazi laqala laphuma emzimbeni obusisekile kaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam). UHadrat Maalik bin Sinaan (radiyallahu anhu) ubaba kaHadrat Abu Saeed Khudri (radiyallahu anhu) walikhotha igazi. Ngalokhu uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Umlilo wasesihogweni awkwazi ukuthinta umuntu onegazi elixubene nelami.”

About admin

Check Also

UHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) Uthola Amanxeba Ngenkathi Elwa Endleleni KaAllah

Ubuqhawe BaHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) Ngosuku lwempi yaseYarmook, amaSahaabah (radiyallahu anhum) athi kuHadrat Zubayr (radiyallahu …