Ukufihlwa

Kuyiqiniso elingaphikiswa ukuthi ukubunjwa komzimba womuntu wesifazane uhlukile kunomzimba womuntu wesilisa. IShariah (umthetho weIslam) ibeke umthetho ocacile nobonakalayo mayelana umuntu wesifazane nomuntu owesilisa.

Isizathu sokuhluka kwemithetho womuntu wesilisa nomuntu wesifazane ukuthi abantu besifazane balaywe ukuthi noma yini abafisa ukuyenza kumele bayenze ngendlela efihlekile. Lomehluko utholakala nasendleleni yokuma kwiSalaah. Umuntu wesifazane Ulayezwe ukuthi enze iSalaah ngendlela efihlekile futhi ngokucasha.

Umfundisi omkhulu uImaam Bayhaki (rahmatullah alayhi) uthi

وجماع ما يفارق المرأة فيه الرجل من أحكام الصلاة راجع إلى الستر وهو أنها مأمورة بكل ما كان أستر لها (السنن الكبرى للبيهقي، الرقم: 3196)

Izinto ezithile kwiSalaah zomuntu wesifazane zihlukile kumuntu wesilisa (kuchaza ukuthi izindlela zokuma kwiSalaah ezahlukile) zikhombisa ukubaluleka kokuzifihla komuntu wesifazane kwiSalaah ukuze ungabonakali umzimba wakhe.

UHadrat Abdullah bin Umar (radiallahu anhu) uthi ngenkathi kaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) abantu besifazane bayalwa ukuthi bahlanganise amalungu omzimba uma benza iSalaah.

About admin

Check Also

IRakaat Elesibili

  1. Emva kweSajdah eyesbili, yisho iTakbeer usukumele iRakaat eyesbili.   2. Uma usuka kwiSajdah, …