Indlela Yokusondela KuAllah

UKa’ab Ahbaar (iTabi’ee ekade lingumfundisi omkhulu wamaJuda ngaphambili kokuthi amukele iIslaam) ubika ukuthi :

UAllah wathi kuMoosa (alayhisallaam), “Unaso isifiso sokusondela kimi, ukusondela okudlula ukukhuluma kwakho kunolimi lakho noma imizwa yakho yangaphakthi enhlizweni yakho noma ukusondela komphefumulo wakho nomzimba wakho noma ukubona kwakho kunamehlo akho?“ uMoosa (alayhisallaam) waphendula ngokuvuma. UAllah wathi, “Thumela imikhonzo ( yisho iDurood) kuMuhammed (sallallahu alayhi wasallam) kakhulu.

About admin

Check Also

Ukusho Isibalo SeDurood Esikhethekile Ngaphambili Kokuthi Ulale

UShaykh Ibnu Hajar Makkai ubika enye indaba yenceku ekade ijwayele ukuzibandakanya ngokusho isibalo seDurood esikhethekile …