1. Umbuzo: kumele umuntu olandela iImaam asho iSanaa, iTa’awuuz, iTasmiyah futhi ahaye neKuraan uma elandelayo umfundisi?
Impendulo: Umlandeli uzosho isanaa emvakwalokho ahlale ethule. Akumele asho iTa’awuuz, iTasmiyah futhi ahaye iKuraan emva kweImaam.
2. Umbuzo: uma umlandeli efike kwiSalaah kamuva, futhi neImaam isiqale ukuhaya iKuraan, ngabe kumele ayisho iSanaa?
Impendulo : uma iMuktadi (umlandeli) efika kwiSalaah ngenkathi iImaam isiqalile ngokuhaya iKuraan, akumele isho iSanaa kunalokho, kumele enze iTakbeer athule.
3. Umbuzo: Ngabe iTasmiyah iyashiwo emva kweSurah Faatihah?
Impendulo : ITasmiya uzoyisho emva kweSurah Faatihah uma uzosho enye iSurah. Uma ingekho iSurah ozoyisho akumele usho iTasmiyah.
4. Amaphi amaSurah ayiSunnnah afundwa kumaSalaah ahlukene futhi ayiSunnnah kumaSalaah wonke?
Mayelana nobude bekiraat (ukuhaya ikuraan), iImaam kumele icabange isimo sebandla aliholayo.
Mayelana neWitr, amaSunnat namaNafil Salaah, umuntu angafunda noma eyiphi ingxenye yeKuraan afisa ukuyifunda. Kodwa kumele ukube emqondweni ukuthi kunamaSurah ayiSunnnah abikiwe ukuthi afundwa kwiSalaah yeSunnah.
5. Amaphi amaSurah ayiSunnnah afundwa kwiSalaah yeWitr?
A: kunamaSurah ahlukile amgafundwa kwiSalaah yeWitr. Amanye amaSurah abikiwe kwiHadeeth ilawa alandelayo:
a) funda iSurah Aa’laa kwiRaakaat elokuqala, iSurah Kaafiroon kwelesinili neSurah Ikhlaas kwelesithathu.
b) Funda ekugcineni kweSurah Bakara kwiRakaat elokuqala, iSurah Kadr kwelesibili neSurah ikhlaas kwelesithathu.
c) Funda ekugcineni kweSurah Bakara kwiRakaat eyokuqala, iSurah Kaafiroon kwelesibili neSurah Ikhlaas kwelesithathu.
d) Funda iSurah Ladr kwiRakaat eyokuqala, iSurah Kaafiroon kwelesibili neSurah ikhlaas kwelesithathu.
e) Funda iSurah Takaasur, iSurah Kadr neSurah Zilzaal kwiRakaat eyokuqala, iSurah Asr, iSurah Nasr neSurah Kawsar kwiRakaat elesbili neSurah Kaafiroon, iSurah Lahab neSurah Ikhlaas kwiRaakaat elesthathu.
6. Umbuzo: Uma umuntu ephakamisa izinyawo zakhe ngenkathi enza iSajdah, ngabe iSalaah yakhe isemthethweni?
8. Umbuzo: Mangakhi amaRakaat kwiSalaah yeWitr futhi yenziwa kanjani iSalaah yeWitr?
Impendulo: iSalaah yeWitr inamaRakaat amathathu futhi yenziwa ngalendlela elandelayo:
Uzokwenza amaRakaat amabili ngokufunda iSurah Faatiha neSurah kuwona lamaRakaat amabili, uhlale phansi wenze iTashahud, ubese usukumela iRakaat elesithathu ufunde iSurah Faatiha neSurah. Emvakokuthi uqede ukufunda iSurah, uzophakamisa izandla usho iTakbeer ulandele ngokusho iDua Kunoot.
Amagama eDua Kunoot :
اَللّٰهُمَّ إِنَّا نَسۡتَعِيۡنُكَ وَنَسۡتَغۡفِرُكَ وَنُؤۡمِنُ بِكَ وَنَتَوَكَّلُ عَلَيۡكَ وَنُثۡنِيۡ عَلَيۡكَ الۡخَيۡرَ وَنَشۡكُرُكَ وَلَا نَكۡفُرُكَ وَنَخۡلَعُ وَنَتۡرُكُ مَنۡ يَّفۡجُرُكَ اَللّٰهُمَّ إِيَّاكَ نَعۡبُدُ وَلَكَ نُصَلِّيۡ وَنَسۡجُدُ وَإِلَيۡكَ نَسۡعٰى وَنَحۡفِدُ وَنَرۡجُوۡ رَحۡمَتَكَ وَنَخۡشٰى عَذَابَكَ إِنَّ عَذَابَكَ بِالۡكُفَّارِ مُلۡحِقٌ
O Allah! Sicela usizo lakho futhi Sicela intethelelo kuwe. Sikholelwa kuwe, sinethemba kuwe, siyakudumisa ngomusa osenzela wona. Siveza ukubonga kwethu futhi asinakho ukungabongi kuwe. Futhi siyaziqhelanisa nabantu abangaku laleli. O Allah! Sikhonza wena kuphela, senzela wena kuphela iSalaah futhi senza neSajdah (ukuguqa). Sigijimela kuwe futhi siyashesha uma senza njalo. Sinethemba lomusa wakho futhi siyasisaba isijeziso sakho. Ngempela, isijeziso sakho sizobafica abangakholwa.
9. Umbuzo: Ngabe iyafundwa iDua Kunoot kwiSalaah yeFajr njengoba kwenziwa amaShafi’ee namaMaaliki?
Impendulo: Ngokwemithetho yamaHanafi iKunoot angeke ifundwe kwiSalaah yeFajr.
Alislaam.com – Zulu