إياك نعبد وإياك نستعين
Uwe kuphela esimkhonzayo futhi uwe kuphela esicela usizo.
Ngolwimi lamaArab, igama elithi “Ibaadah” lichaza ukuzithoba kakhulu ngenxa yothando nenhlonipho nokuzinikela kumuntu. Leluhlobo lokuzinikela ngenxa yothando nenhlonipho lilungele uAllah kuphela.
Ingakho sithi, “Uwe kuphela esimkhonzayo,” empeleni sisuke simemezela ukuthi sizinikelile ngokuphelele ekumlaleleni nokumkhonza ngenxa yothando nenhlonipho ejulile ngoba uye umdali nomondli wethu.
Uma sithi, “Sicela kuwe kuphela usizo,” siyavuma ukuthi kungenxa yesinqumo nentando kaAllah ukuthi yonke into iyavela futhi uye olawula konke okwenzekalayo kuthina. Uma sisebenzisa indlela yomhlaba, kungenxa yokulawula kwakhe ukuthi yonke into ithola impilo la emhlabeni. Kumele sazi ukuthi kungaye kuphela ukuthi yonke into ihamba ngendlela.
Ngakho-ke uma kukhona indlela uAllah angasivumeli ukuthi siyisebenzise, kumele sigweme ukusebenzisa leyondlela ngoba lokho kukhombisa ukuphikisana noAllah nokuthembela ezintweni ezingavumelekile njengokuthatha Izikweletu ezihambisana nentela emabhange ukuze wandise umcebo wakho noma ukusebenzisa umshwalense ukuze uvikele umcebo wakho.
Alislaam.com – Zulu