Ukusho IDurood Uma Usezinhlungwini

UHadrat Abdu Raheem bin Abdur Rahmaan (rahmatullah alayhi) uthi:
Ngelinye ilanga indgalo yami yalimala ngenxa yokuthi ngawa endweni yokugeza, futhi yase ivuvukala kakhulu. Ngalobo busuku izinhlungu zangihlukumeza kakhulu. Ekugcineni amehli wami avaleka ngazumeka. Ngasw ngibona emfanekiswani uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) kodwa ngakwazi ukuthi, “Ya Rasullullah (sallallahu alaihi wasallam) kuphela.
URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) waphendula wathi,”Lokusho kwakho iDurood eningi ngenxa yobuhlungu bengalo yakho kungikhathaze kakhulu.” Ngenkathi ngivuka ngathola ukuthi izinhlungu azisekho futhi ukuvuvukala kunyamalele.

About admin

Check Also

Iphunga Elimnandi Ngenxa Yokusho IDurood Eningi

Umkhwenyana wakwaMoulana Fayzul Hasan Sahaaranpuri (rahmatullah alayhi) wake wathi KuHadrat shaykhul Hadeeth uMoulana Muhammad Zakariya …