UHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) Uthola Amanxeba Ngenkathi Elwa Endleleni KaAllah

Ubuqhawe BaHadrat Zubayr (radiyallahu anhu)

Ngosuku lwempi yaseYarmook, amaSahaabah (radiyallahu anhum) athi kuHadrat Zubayr (radiyallahu anhu), “Kungani ungangeni ngokuphelele uhlasele isitha kubese thina silandele wena ngokuhlasela?”

UHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) wase ephendula ethi, “Ngiyazi ukuthi uma ngingena ngibahlasela, nina ngeke nize ningilandele.”

AmaSahaabah (radiyallahu anhum) aphendula athi, “Cha, thina sizokulandela.”

UHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) waziphosa phakathi kwezitha ezihlasela. Waqhubeka wazihlasela izitha waze wafikela kwelinye icala lezitha kodwa akukho ngisho noyedwa wabangani bakhe abamlandela waze wafikela la ekhona.

Ngenkathi eqalisa ebuyela ecaleni lakhe (icala lamaMuslim), ezinye izitha zabamba intambo yehhashi lakhe zamshaya (ngezinkemba zabo) emahlombe akhe. Ngaphandle kwalamanxeba womabili (alimala kuwo empini yaseYarmook), kwakukhona elinye inxeba ekade liphakhathi kwalama nxeba womabili eladalwa ukushawa ngenkemba ngosuku lwempi yaseBadr ngenkathi elwa.

Ngenkathi eqeda ukusho lokhu okudlule, uUrwah (rahmatullah alayhi) wathi, “Ngenkathi ngisayingane, kade ngijwayele ukudlala ngifake iminwe yami ezimbobeni (zalama nxeba).

Ngalelosuku (lwempi yaseYarmook, ubhuti wami) uAbdullah bin Zubayr kade ehamba naye (ubaba wethu, uHadrat Zubayr (radiyallahu anhu)), ngalesosikhathi kade eneminyaka ewu (10). UHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) wambeka ehhashini wase ebeka umuntu ozomnakekela (ngenkathi engekho esempini).

 

About admin

Check Also

Umuntu Othandekile KuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam)

Isexwayiso Ngokusho AmaHadeeth Asuka KuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) UHadrat Abdullah bin Zubayr (radiyallahu anhu) ubika …