UAllah wadala umhlaba ukuthi kube indawo yokwenza izenzo wase futhi wadala umhlaba wakwelizayo ukuze umuntu athole umvuzo wezenzo zakhe.
Uma umuntu eletha iImaan futhi enze izenzo ezinhle la emhlabeni. Uyothola umvuzo wezenzo zakhe ngokunikwa iJannah (izulu).
Ngokufanayo uma umuntu enza izenzo ezibi futhi angayilethi iImaan empilweni yakhe aphile impilo yokungakholwa uyojeziswa ngokufakwa eJahannam (isihogwe) ngenxa yokungakholwa nokungayamukeli inkolo yeIslam.
Uma uhlaziya isimo sasemhlabeni uzothola ukuthi ubulungiswa okuphelele ngenxa yokuthi umcebo namandla kusezandleni zabantu abalungile futhi nabantu abakhohlakele.
Kungakho ukuthi kwesinye isikhathi isijeziso sinikwa umuntu onecala kwesinye isikhathi ngenxa yokuthi umuntu onecala unamandla nomcebo uyakwazi ukuba nesandla ngaphezulu komthetho aphunyuke ebulungisweni.
Ngakho-ke uAllah wadala umhlaba wakwelizayo ukuze ubulungiswa kuzo
Nikezwa wonke umuntu ngendlela efanelekile.
Ubulungiswa baAllah kuyoba ngalendlela yokuthi uma isilwane esinezimpondo silimaze esinganazo izimpondo, uAllah uyovusa zombili izilwane ukuze kutholakale ubulungiswa.
Empeleni uAllah wadala umhlaba wakwelizayo ukuze kutholakale ubulungiswa okuphelele bendalo yakhe yonke futhi yonke indalo izothola umvuzo wezenzo zayo.
Kungalesizathu uAllah uzibiza ngomnikazi wosuku lokwahlulela. Ngoba uye kuphela oyokhipa isinqumo sokugcina sobulungiswa futhi esiyohlula zonke izinqumo.
Alislaam.com – Zulu