Ukusho Isibalo SeDurood Esikhethekile Ngaphambili Kokuthi Ulale

UShaykh Ibnu Hajar Makkai ubika enye indaba yenceku ekade ijwayele ukuzibandakanya ngokusho isibalo seDurood esikhethekile ngaphambili kokuthi ilale. Ngobunye ubusuku wabona uNabi (sallallahu alayhi wasallam) ephupheni. UNabi (sallallahu alayhi wasallam) wangena endlini yakhe, yase indlu yakhe yakhanya yonke ngeNoor (ukukhanya okukhethekile) kaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam). URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wase ethi kuye, “Sondeza kimi umlomo lo okade ujwayele ukusho iDurood kimi unginikeze imvumo ukuthi ngiwuqabule.” Ngamahloni, ngakhipha isihlathi sami uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wase esiqabula. Ngenkathi evuka, wabona ukuthi indlu yalhe yonke kade inuka iqabunga elimnandi.

About admin

Check Also

Iphunga Elimnandi Ngenxa Yokusho IDurood Eningi

Umkhwenyana wakwaMoulana Fayzul Hasan Sahaaranpuri (rahmatullah alayhi) wake wathi KuHadrat shaykhul Hadeeth uMoulana Muhammad Zakariya …