Ukuzuthiba KwaHadrat Abu Ubaydah bin Jarrah (radiyallahu anhu) Emcebeni Wasemhlabeni

Ngenkathi uHadrat Umar (radiyallahu anhu) esuka eMadeenah Munawwarah ehamba eya eBaytul Maqdis ukuze ayinqobe wama eSiriya ukuze abone amanye amaSahabaah (radiyallahu anhu) lawa ahlala khona. Ngenkathi lamaSahaabah (radiyallahu anhum) ahlala futhi ekade ehola isiriya khona aphuma ukuze ambone wawabuza ethi, “Ukephi ubhuthi wami?” AmaSahabaah lawa kade ekhona abuza ukuthi ubhekise kuba?,UHadrat Umar (radiyallahu anhu) waphendula wathi, “UAbu Ubaydah bin Jarrah (radiyallahu anhu).”

AmaSahabaah (radiyallahu anhum) amtshela ukuthi uHadrat Abu Ubaydah (radiyallahu anhu) uzoqhamuka maduzane. Kwaphele isikhashane uHadrat Abu Ubaydah bin Jarrah (radiyallahu anhu) waqhamuka egibele ikamela elijwayelekile.

Ngenkathi uHadrat Abu Ubaydah (radiyallahu anhu) ehlangana noHadrat Umar (radiyallahu anhu), UHadrat Umar (radiyallahu anhu) wakhombisa ukuthokoza nokujabula okukhulu. UHadrat Umar (radiyallahu anhu) wethula intshumayelo kuwo wonks smaSahaabah (radiyallahu anhum) akade ekhona.

Ngalesosikhathi amaSahabaah (radiyallahu anhum) wonke kade enema uHadrat Umar (radiyallahu anhu) ezindlini zabo kodwa uAbu Ubaydah (radiyallahu anhu) akamemanga uHadrat Umar (radiyallahu anhu) endlini yakhe ngoba kade ingekho into ebengayinika uHadrat Umar (radiyallahu anhu).

Ngenxa yobudlwelana uHadrat Umar (radiyallahu anhu) akade enabo naye, UHadrat Umar (radiyallahu anhu) wathi kuye, “O Abu Ubaydah! (kuwo wonke amaSahabaah) bonke abaholi bamabutho bangimemile ezindlini zabo ngaphandle kwakho. UHadrat Abu Ubaydah (radiyallahu anhu) wathi kuye,”O Mphathi wamaMuslim uma ngase ngikumeme endlini yami kuzokukhalisa.”

Kodwa uHadrat Umar (radiyallahu anhu) kade enesifiso sokuvakashela indlu yaleliSahabi elikhulu. Kepha-ke uHadrat Abu Ubaydah (radiyallahu anhu) wamema uHadrat Umar endlini yakhe.

Ngenkathi uHadrat Umar (radiyallahu anhu) engena endlini yakhe wathuswa ukubona ukuthi kade enesinkwa esincane, isikhwama samanzi, inkemba, ihawu, isihlalo sehhashi, ublankethe, wehashi obephende awusebenzise awenze umcamelo ukuze alale ebusuku.
Ngenkathi uHadrat Umar (radiyallahu anhu) ebona lokhu wakhala wase emsingatha uHadrat Abu Ubaydah (radiyallahu anhu) ethi kuye, “Ngempela ungumfowami, ngibona wonke amaSahabaah (radiyallahu anhum) engihlangane nawo, babanjwe umhlaba ngoba bazibandakanya nezinto zomhlaba ngaphandle kwakho. UHadrat Abu Ubaydah (radiyallahu anhu) waphendula wathi,” O Ameerul mu’mineen! Ngikutshelile ukuvakashela mina kuzokukhalisa (ngoba angeke ufike ubone lutho eyasemhlabeni)?”
Ngokwenye ingxoxo kubikiwe ukuthi uHadrat Umar (radiyallahu anhu) wambuza ukuthi kungani ungabeki ezinye izinto ezimbalwa ezasemhlabeni?”

Kepha-ke uHadrat Abu Ubaydah (radiyallahu anhu) waphendula wathi, “O Mphathi wamaMuslim! Lokhu kulingene uhambo lami lasemhlabeni ngize ngifike ethuneni.”

About admin

Check Also

Othandekile KuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam)

UHadrat Abu Ubaydah bin Jarrah (radiyallahu anhu) Uphuma Amazinyo Empini YaseUhud Ngenkathi kuyimpi yaseUhud. UHadrat …