
Ukwesaba kukaHazrat Abdur Rahman bin Auf (radhiyallahu ‘anhu) Ukubuzwa Ngezenzo Zakhe Noma Ngabe Kade Esebenzisa Umcebo Wakhe Ngenxa Yenkolo (iDeen)
UShu’bah (rahimahullah) uyalandisa: ‘Ngelinye ilanga , uHazrat Abdur Rahman bin Auf (radhiyallahu ‘anhu) wayezilile futhi ngesikhathi sokuqeda ukuzila (i-iftaar), kwalethwa ukudla phambi kwakhe. Lapho ebona ukudla, uHazrat Abdur Rahman bin Auf (radhiyallahu ‘anhu) wathi: “UHamzah (radhiyallahu ‘anhu) waba ngufakazi wokholo (wafa empini/waba yi-shaheed) futhi asikwazanga ukuthola indwangu eyanele yokumgqoka ngayo ekufeni kwakhe (i-kafan), kanti yena wayengcono kunami. UMus’ab bin Umair (radhiyallahu ‘anhu) naye waba ngufakazi wokholo futhi asikwazanga ukuthola indwangu eyanele yokumgqoka ngayo ekufeni kwakhe, kanti naye wayengcono kunami. Thina, ngakolunye uhlangothi, siphiwe ingcebo enkulu. Ngiyesaba ukuthi kungenzeka ukuthi sithola umvuzo (ngale ngcebo) ngenxa yezenzo zethu ezinhle kulo mhlaba.” Ngemva kwalokho, uHazrat Abdur Rahman bin Auf (radhiyallahu ‘anhu) wasukuma engakudlanga ukudla.’ (Musannaf #19440)
U-Imaam Zuhri (rahimahullah) uyalandisa: ‘Ngelinye ilanga, eskhathini sikaRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam), uHazrat Abdur Rahman bin Auf (radhiyallahu ‘anhu) wachitha ingxenye yengcebo yakhe ngenxa ka-Allah Ta’ala. Ngaleso sikhathi, ingxenye yengcebo yakhe yayilingana nama-Dirham ayizinkulungwane ezine (4000) (izinhlamvu zemali zesiliva). Ngemva kwesikhathi esithile, waphinde wachitha ama-dirham ayizinkulungwane ezingamashumi amane (40000) njengomnikelo (i-Sadaqah). Kwesinye isikhathi, wanikela ngama-dinar ayizinkulungwane ezingamashumi amane (izinhlamvu zemali zegolide) endleleni ka-Allah Ta’ala. Kwesinye futhi isikhathi, wanikela ngamahhashi angamakhulu amahlanu (500) ukuze asetshenziswe njengezinto zokuhamba ngama-mujaahideen (amaqhawe enkolo) alwa endleleni ka-Allah Ta’ala. Ngemva kwalokho, wanikela ngezinye izilwane zokugibela eziyinkulungwane ezingamakhulu amahlanu (500) ukuze zisetshenziswe endleleni ka-Allah Ta’ala.’ (Al-Mu’jamul Kabeer #265)
Alislaam.com – Zulu