KA’DAH NeSALAAM

1. Ngemva kwe-sajdah yesibili ye-rakaat yesibili, hlala endaweni ye-ka’dah ngendlela efanayo naleyo echazwe ku-jalsah.

2. Phinda ufunde i-Tashahhud.

اَلتَّحِيَّاتُ لِلّٰهِ وَالصَّلَوَاتُ وَالطَّيِّبَاتُ اَلسَّلَامُ عَلَيْكَ أَيُّهَا النَّبِيُّ وَرَحْمَةُ اللهِ وَبَرَكَاتُهُ اَلسَّلَامُ عَلَيْنَا وَعَلٰى عِبَادِ اللهِ الصَّالِحِيْنَ أَشْهَدُ أَنْ لَّا إلٰهَ إِلَّا اللهُ وَأَشْهَدُ أَنَّ مُحَمَّدًا عَبْدُهُ وَرَسُوْلُهُ

Yonke i-Ibaadaat (imikhonzo) yomlomo, i-ibaadaat ebonakalayo kanye ne-ibaadaat yemali ekaAllah kuphela. Sengathi ukuthula okukhethekile kukaAllah kungena phezu kwakho, O Nabi, kanye nokaAllah, umusa omkhulu nezibusiso. Ukuthula makwehlele phezu kwethu naphezu kwabo bonke izinceku zikaAllah. Ngifakaza ukuthi akukho nkulunkulu ngaphandle kukaAllah, futhi ngiyafakaza ukuthi uHazrat Muhammad uyinceku nesithunywa sakhe.

3. Uma usho u ان لا اله الاالله , yenza indilinga ngomunwe omkhulu kanye nomunwe ophakathi wesandla sokudla, uphakamisele umunwe wokukhomba (index finger) ngakwi-Kiblah bese uvala eminye iminwe emibili (umunwe omncane kanye nalowo olandelayo). Uma usho u الا الله , yehlisa umunwe wokukhomba. Umunwe omkhulu kanye nomunwe ophakathi kuzohlala kuhlangene njengendilinga kuze kuphele i-qa’dah. Mayelana nesandla sobunxele, shiya iminwe yelulekile onqenqemeni lwethanga. Iminwe izohlala isesimweni sayo semvelo futhi ngeke ihlanganiswe ndawonye.

4. Uma wenza umthandazo (i-Salaah) enama-Rakaat amathathu noma amane, akufanele ufunde lutho ngaphandle kwe-Tashahhud eshiwo ngenhla. Ngemuva kokufunda i-Tashahhud, sukuma uqale i-Rakaat yesithathu.

5. Uma kuyi-Ka’dah yokugcina (ukuhlala kokugcina), funda i-Durood-e-Ebrahim ngemva kwe-Tashahhud, bese ulandelisa ngesicelo (i-Dua) esivela kwi-Kur’an Majeed noma kwi-Hadith. I-Durood-e-Ebrahim imi kanje:

اَللّٰهُمَّ صَلِّ عَلٰى مُحَمَّدٍ وَّعَلٰى اٰلِ مُحَمَّدٍ كَمَا صَلَّيْتَ عَلٰى اِبْرَاهِيْمَ وَعَلٰى اٰلِ اِبْرَاهِيْمَ اِنَّكَ حَمِيْدٌ مَّجِيْدٌ

اَللّٰهُمَّ بَارِكْ عَلٰى مُحَمَّدٍ وَّعَلٰى اٰلِ مُحَمَّدٍ كَمَا بَارَكْتَ عَلٰى اِبْرَاهِيْمَ وَعَلٰى اٰلِ اِبْرَاهِيْمَ اِنَّكَ حَمِيْدٌ مَّجِيْدٌ

O Allah! Thululela umusa Wakho kuHazrat Muhammad (sallallahu alayhi wasallam) nasemndenini wakhe njengoba wawuthululela umusa Wakho kuHazrat Ebrahim (alayhisalaam) nasemndenini wakhe. Ngempela Wena ufanelwe ukudunyiswa futhi Uphakeme kakhulu. O Allah! Busisa uHazrat Muhammad (sallallahu alayhi wasallam) nomndeni wakhe njengoba wabusisa uHazrat Ebrahim (alayhisalaam) nomndeni wakhe. Ngempela wena ufanelwe ukudunyiswa futhi uphakeme kakhulu.

Umuntu angafunda lesi sicelo (i-Dua) esilandelayo esishiwo kwi-Hadith:

اَللّٰهُمَّ إِنِّيْ ظَلَمْتُ نَفْسِيْ ظُلْمًا كَثِيرًا وَلَا يَغْفِرُ الذُّنُوْبَ إِلاَّ أَنْتَ فَاغْفِرْ لِيْ مَغْفِرَةً مِّنْ عِنْدِكَ وَارْحَمْنِيْ إِنَّكَ أَنْتَ الْغَفُوْرُ الرَّحِيْم

O Allah, ngizicindezele ngokweqile (ngokwenza izono), futhi akekho ongathethelela izono ngaphandle kwakho, ngakho-ke ngithethelele ngentethelelo ekhethekile evela ohlangothini lwakho futhi ungibonise umusa, ngoba ngempela uwena wedwa othethelelayo futhi onomusa.

6. Ngemva kokuqeda i-Dua yakho, yenza isalaam ngokuthi:

اَلسَّلَامُ عَلَيْكُمْ وَرَحْمَةُ اللهْ

 ngenkathi uphendulela ikhanda lakho ohlangothini lwesokudla, bese futhi ngenkathi uphendulela ikhanda lakho ohlangothini lwesobunxele.

7. Ungalibhekisi phansi noma ulinyakazise ngamandla (uliphose) ikhanda lakho ngenkathi wenza i-Salaam.
8. Uma wenza i-Salaam ohlangothini ngalunye, gxila amehlo akho emahlombe akho.
9. Phendulela ubuso bakho ohlangothini ngalunye kangangokuthi isihlathi sibonakale usuka ngemuva.
10. Ngemuva kwe-Salaam, phinda lokhu okulandelayo استغفرالله kathathu.
11. Yenza i-Dua (njengoba lesi kuyisikhathi sokwamukelwa kwama-Dua)
12. Phinda i-Tasbeeh-e-Faatimi ngemuva kwawo wonke umthandazo (ama-Salaah). I-Tasbeeh-e-Faatimi ukuthi umuntu aphinde u-Subhaanallah izikhathi ezingama-33, I-u Alhamdulillah izikhathi ezingama-33, u-Allahu Akbar izikhathi ezingama-33, bese uqedela inani eliyikhulu ngokuthi:

لَا إِلٰهَ إلَّا اللهُ وَحْدَهُ لَا شَرِيْكَ لَهُ لَهُ الْمُلْكُ وَلَهُ الْحَمْدُ وَهُوَ عَلٰى كُلِّ شَيْءٍ قَدِيْر

 Akukho Nkulunkulu ngaphandle kuka-Allah yedwa, ongenalo uzakwabo. OkwaKhe umbuso (wendawo yonke), futhi okwaKhe kuphela yonke indumiso, futhi Yena yedwa unamandla aphelele phezu kwakho konke.

About admin

Check Also

UKUFUNDA I-KUR’AN MAJEED

U-Allah ubusise isizwe sikaHazrat Rasulullah ngolwandle olungenasiphetho. Lolu lwandle lugcwele amaparele, amatshe ayigugu aluhlaza (emeralds), …