
Ukuthola Izindaba Ezinhle Zenhlanhla Nokuthethelelwa Ephusheni
Ngobunye ubusuku, uHazrat Abdur Rahmaan bin Auf (radhiyallahu ‘anhu) walahlekelwa yiqondo (waphaphazela) isikhathi eside ngenkathi egulela, kwaze kwaba yilapho labo ababemzungezile becabanga ukuthi umphefumulo wakhe usuhambile. Bamumboza ngendwangu base besuka eduze kwakhe. Unkosikazi wakhe, u-Ummu Kulthum bint ‘Uqbah, ngokushesha wafuna usizo ku-Allah Ta’ala ngokubonisa ukubekezela nokwenza umthandazo (njengoba siyaleziwe ukwenza kanjalo kwi-Qur’aan Kareem).
UHazrat Abdur Rahman bin Auf (radhiyallahu ‘anhu) wahlala engenalo ulwazi (engazi lutho) isikhathi eside. Ngemuva kwalokho, wabuyelwa yiqondo futhi into yokuqala ayisho kwakuyi-takbeer. Abantu basekhaya nalabo ababebazungezile nabo bamemeza i-takbeer. Wabe esebabuza wathi, “Ingabe ngalahlekelwa yiqondo?” Baphendula ngokuvuma.
Wabe esethi kubo, “Nikhulume iqiniso. (Ngenkathi ngisesimweni sokungazi lutho), ngathathwa yizingelosi ezimbili ezazisesimweni samadoda, ezazibonakala ziqinile futhi zinolaka (ekubukekeni kwazo). Zathi kimi, ‘Qhubeka phambili; sikuyisa ekwahlulelweni phambi kuka-Allah Ta’ala, Ongusomandla, Onikeza ukuvikeleka, nokwazi Konke.’
Ngakho-ke, zangithatha zahamba nami kwaze kwaba yilapho zihlangana nengelosi eyayisesimweni sendoda eyazibuza ukuthi zangiyisa kuphi. Zathi, ‘Simyisa ekwahlulelweni phambi kuka-Allah Ta’ala, Ongusomandla, onikeza ukuvikeleka, noKwazi Konke.’
Ingelosi yathi kuzo, ‘Mbuyiseni emhlabeni, ngoba ungomunye wabantu u-Allah Ta’ala ababeke kubo inhlanhla nokuthethelelwa besesisezibilini zomama babo. Ngaphezu kwalokho, unikwe imvume ngu-Allah Ta’ala yokuhlala emhlabeni isikhathi esengeziwe ukuze amadodana akhe ajabulele futhi azuze ebuhlotsheni naye kuze kufike isikhathi lapho u-Allah Ta’ala ethanda ukumthatha emhlabeni.’”
Ngemuva kwalesi sigameko, uHazrat Abdur Rahmaan bin Auf (radhiyallahu ‘anhu) waphila isikhathi esingangenyanga. Ngemva kwenyanga, washona ngokomthetho ka-Allah Ta’ala. (Dalaa’ilun Nubuwwah 7/43, Taareekh Ibn ‘Asaakir 35/297)
Alislaam.com – Zulu