Udumo Lokukhipha I-Fatwa Ngesikhathi Kusaphila URasulullah (sallallahu ‘alayhi wasallam)

Ukwesaba kukaHazrat Abdur Rahman bin Auf (radhiyallahu ‘anhu) Mayelana Nokuzophendulela Phambi KukaAllah

UNaufal bin Iyaas al Huzali (rahimahullah) ulandisa kanje:

‘Sasivame ukuhlala noHazrat Abdur Rahman bin Auf (radhiyallahu ‘anhu), futhi wayengumngane omuhle kakhulu. Ngelinye ilanga, wasimema ekhaya lakhe sizodla ukudla. Ngesikhathi sesihlezi phansi sizodla, kwathi lapho kulethwa phambi kwethu ipuleti lokudla elalinenyama nesinkwa, waqala ukukhala.

Sambuza sathi, “Yini ekwenza ukhale, O Abu Muhammad?” Waphendula wathi, “Isizathu sokukhala kwami ​​wukuthi uRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) washiya lo mhlaba ngesimo sokuthi yena nomndeni wakhe babengakaze badle isinkwa soflawa webhali baze basuthe (ngesikhathi sokuphila kwakhe). Ngiyesaba ukuthi kungenzeka ukuthi thina sisalele emuva (emhlabeni ukuze sijabulele lezi zibusiso) bese ngenxa yalokho, siphucwa izibusiso zokuphila emva kokufa.” (Isaabah 4/292)

About admin

Check Also

Ukwesaba kukaHazrat Abdur Rahman bin Auf (radhiyallahu ‘anhu) Ukubuzwa Ngezenzo Zakhe Noma Ngabe Kade Esebenzisa Umcebo Wakhe Ngenxa Yenkolo (iDeen)

Ukwesaba kukaHazrat Abdur Rahman bin Auf (radhiyallahu ‘anhu) Ukubuzwa Ngezenzo Zakhe Noma Ngabe Kade Esebenzisa …