Amaphuzu Aqondene Nenyanga Ka Ramadhaan 2

8. Uma sekuzoqala inyanga kaRamadhaan nakuyo inyanga kaRamadhaan yisho le du’a :

اَللّهُمَّ سَلِّمْنِيْ لِرَمَضَان وَ سَلِّمْ رَمَضَانَ لِيْ وَسَلِّمْهُ لِيْ مُتَقَبَّلًا

O Allaah! Ngilondolozele inyanga kaRamadhaan (ngiyibone ngiwumqemane ukuze ngizuze ngokuphelele kuyo) futhi nayo inyanga kaRamadhaan uyilondolozele mina( ngokwenza izimo zayo zingihlomulise ngokuphelele) futhi wamukele okuphuma kimi.

عن عبادة بن الصامت قال: كان رسول الله صلى الله عليه وسلم يعلمنا هؤلاء الكلمات إذا جاء رمضان اللهم سلمني لرمضان وسلم رمضان لي وسلمه لي متقبلا. رواه الطبرناني في الدعاء والديلمي وسنده حسن. (كنز العمال، الرقم: 24277)

UHadhrat Ubaadah bin Saamit (radhiyallahu ‘anhu) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) wayefundisa amaSahaabah (sengathi uAllaah angagculiseka ngabo) le du’a engenhla uma kuzoqala inyanga kaRamadhaan.

9. Kwenze kube ngumkhuba ukwenza izenzo ezinhle ngenyanga ka Ramadhaan futhi ugweme imikhuba emibi kanye nezono.

عن أبي هريرة رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم إذا كان أول ليلة من شهر رمضان صفدت الشياطين ومردة الجن وغلقت أبواب النار فلم يفتح منها باب وفتحت أبواب الجنة فلم يغلق منها باب وينادي مناد يا باغي الخير أقبل ويا باغي الشر أقصر ولله عتقاء من النار وذلك كل ليلة (سنن الترمذي، الرقم: 682)

UHadhrat Abu Hurayrah (radhiyallahu ‘anhu) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) wathi, “Uma kufika ubusuku bokuqala benyanga ka Ramadhaan, usathane kanye namaJinn (imimoya) emibi bayaboshwa ngamaketango, iminyango yesihogo iyavalwa akukho nowodwa ovulwayo (ngalenyanga), iminyango yePharadesi iyavulwa kungabikho nowodwa ovalwayo, kumenyezwe kuthiwe, “O wena ofuna ubuqotho nokuhle, qhubeka! O wena ofuna okungalungile, SHIYA! Futhi uAllaah ukhulula imiphefumulo eminingi kumlilo wesihogo, lokhu kwenzeka njalo kubusuku benyanga ka Ramadhaan”.

10. Uma unawo amandla okunikeza i Iftaar (ukudla kokuqaqa ukuzila) kumuntu ozilile, kwenze noma ngabe lokho kusho ukumnika iDate (isundu) elilodwa.

عن زيد بن خالد الجهني قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم من فطر صائما كان له مثل أجره غير أنه لا ينقص من أجر الصائم شيئا (سنن الترمذي، الرقم: 807، وقال: هذا حديث حسن صحيح)

UHadhrat Zaid bin Khaalid Al~ Juhani-(radhiyallahu ‘anhu) ubika uthi uRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) wathi, “Lowo onikeza i Iftaar kumuntu ozilile uyozuza umhlomulo ofanayo nalowo oyozuzwa ngumuntu ozilile, awuzuncipha umhlomulo wozilile (ngeke kucashunwe kuwo).”

11. Hlala nezikhonzi  eziqotho zika Allaah ukuze uhlomule lukhulu kulenyanga.

12. Gwema konke okunqatshelwe (haraam) nalokho okungabazekayo okuwukudla, izenzo, izinkulumo nokunye.

13. Ukuzila ngenyanga ka Ramadhaan kuyisenzo esikhulu sokukhonza, ngakho- ke ngesikhathi uzilile, qikelela ungenzi izono ngoba uzogcina usulahlekelwe umhlomulo wokuzila. Futhi gwema izenzo eziyize (isibonelo: izinkulumo nezinto ezingakhi).

عن أبي هريرة رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم رب صائم ليس له من صيامه إلا الجوع ورب قائم ليس له من قيامه إلا السهر (سنن ابن ماجة، الرقم: 1690)

UHadhrat Abu Hurayrah (radhiyallahu ‘anhu) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) wathi, “Baningi abazilayo, kepha bangahlomuli lutho ngokuzila kwabo ngaphandle kwendlala, futhi baningi abathandaza ebusuku, kepha bangatholi lutho ngaphandle kokukhathala okudalwa ukungalali.”

عن أبي هريرة رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم من لم يدع قول الزور والعمل به فليس لله حاجة في أن يدع طعامه وشرابه (صحيح البخاري، الرقم: 1903)

UHadhrat Abu Hurayrah (radhiyallahu ‘anhu) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) wathi,” Lowo ongagwemi inkulumo eyihlazo kanye nezenzo eziyihlazo (khathi ezilile), u Allaah akakukidingi ukuyeka kwakhe ukudla nokuphuza.”

14. Gwema izingxabano nokulwa ngesikhathi uzilile. Uma kukhona okuchukuluzayo, mazise ngokuzithoba uthi, ” Ngizilile.”

عن أبي هريرة رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم وإذا كان يوم صوم أحدكم فلا يرفث ولا يصخب فإن سابه أحد أو قاتله فليقل إني امرؤ صائم (صحيح البخاري، الرقم: 1904)

UHadhrat Abu Hurayrah (radhiyallahu ‘anhu) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) wathi,” Uma omunye wenu ezilile, akufanele akhulume izinto ezingafanele noma acasuke. Uma kukhona okuthukayo noma okucasulayo, zithobe uthi, ” Ngizilile.”


 

About admin

Check Also

Indlela EyiSunnah Yokusho IIkaamah

1. Yisho iIkaamah ngeHadr (ngokusho amagama ngendlela esheshayo). عن جابر رضي الله عنه أن رسول …