Amaphuzu Aqondene Nenyanga Ka Ramadhaan 3

16. Qinisekisa ukuthi wenza amarakaat angamashumi amabili omkhuleko iTaraweeh njalo ebusuku. Lo mkhuleko uyinkambiso (sunnah) egcizelelwayo kaMprofethi (ukuthula kube kuye). Ngesikhathi UHadhrat Umar (radhiyallahu ‘anhu) engumholi, wonke amaSahaabah (radhiyallahu ‘anhum) avumelana ngokuthi kwenziwe amarakaat angamashumi amabili eTaraweeh. Zama ukuthi okungenani uqede iQur’aan eyodwa (khatam) kwiTaraweeh.

عن أبي هريرة رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم من قام رمضان إيمانا واحتسابا غفر له ما تقدم من ذنبه (صحيح البخاري، الرقم: 37)

UHadhrat Abu Hurayrah (radhiyallahu ‘anhu) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) wathi, ” Lowo  othandaza iTaraweeh ngenyanga kaRamadhaan enokholo oluphelele nethemba lokuzuza umhlomulo, zonke izono zakhe (ezincane) ziyothethelelwa.”

عن عبد الرحمن بن عوف رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم إن الله تبارك وتعالى فرض صيام رمضان عليكم وسننت لكم قيامه فمن صامه وقامه إيمانا واحتسابا خرج من ذنوبه كيوم ولدته أمه (سنن النسائي، الرقم: 2210)

UHadhrat Abdur Rahman bin Auf (radhiyallahu ‘anhu) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) wathi,” Ngempela uAllaah uniyalele ukuthi nizile ngenyanga kaRamadhaan futhi mina nginifundise ukuma ebusuku balenyanga (kuTaraweeh). Lowo ozilayo emini futhi enze iTaraweeh ebusuku ngokholo lweqiniso nangethemba lokuzuza kuAllaah, uyakuhlanzwa zonke izono zakhe afane nangelanga ezalwa.”

عن الأعمش عن زيد بن وهب قال كان عبد الله بن مسعود يصلي لنا في شهر رمضان فينصرف عليه ليل قال الأعمش كان يصلي عشرين ركعة ويوتر بثلاث (عمدة القاري 11/127)

UA’amash (rahimahullah) uthi,” Ngenyanga kaRamadhaan, uHadhrat Abdullah bin Mas’ood (radhiyallahu ‘anhu) wayehola abantu kuTaraweeh. Wayesenza amarakaat angamashumi amabili eTaraweeh namarakat amathathu omkhuleko iWitr.”

روى البيهقي بإسناد صحيح انهم كانوا يقيمون على عهد عمر بعشرين ركعة وعلى عهد عثمان وعلي (عمدة القاري 5/267)

UAllamah Ayni (rahimahullah) uthi,” AmaSahaabah ayesenza amarakaat angamashumi amabili eTaraweeh ngenkathi kubusa uHadhrat Umar, Hadhrat Uthmaan no Hadhrat Ali (radhiyallahu ‘anhum).

17. Yenza lezi zenzo ngobuningi ngenyanga kaRamadhaan :

(a) Ukusho iKalima “laa ilaaha illallaah.

(b) Istighfaar (ukucela intethelelo).

(c) Ukucela ukungeniswa ePharadesi.

(d) Ukucela ukuvikelwa kwisihogo.

عن سلمان رضي الله عنه قال خطبنا رسول الله صلى الله عليه و سلم في آخر يوم من شعبان… واستكثروا فيه من أربع خصال خصلتين ترضون بهما ربكم وخصلتين لا غناء بكم عنهما فأما الخصلتان اللتان ترضون بهما ربكم فشهادة أن لا إله إلا الله وتستغفرونه وأما الخصلتان اللتان لا غناء بكم عنهما فتسألون الله الجنة وتعوذون به من النار (صحيح ابن خزيمة، الرقم: ١٨٨٧)

UHadhrat Salmaan (sengathi uAllaah angagculiseka ngaye) ubika ukuthi uRasulullah (ukuthula kube kuye) wethula intshumayelo ngosuku lokugcina kuSha’baan wathi, “Kule nyanga yenza izenzo ezine ngobuningi. Ezimbili zezokugculisa Inkosi yakho, ezimbili ziyisidingo empilweni yakho. Izenzo zokugculisa Inkosi yakho ukusho u” laa ilaaha illallaah ” nokucela intethelelo. Ezimbili okungafanele uphile ngaphandle kwazo ukucela uAllaah akungenise eJannah nokucela ukuvikelwa kumlilo wesihogo.

18. Yenza idu’a kakhulu. Idu’a yomuntu ozilile yemukelwa ngokushesha ikakhulukazi uma yenziwa ngaphambi kwe Iftaar (isikhathi sokuqaqa ukuzila).

عن أبي هريرة قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم ثلاثة لا ترد دعوتهم الصائم حتى يفطر والإمام العادل ودعوة المظلوم يرفعها الله فوق الغمام ويفتح لها أبواب السماء ويقول الرب وعزتي لأنصرنك ولو بعد حين (سنن الترمذي، الرقم: ٣٥٩٨)

UHadhrat Abu Hurayrah (sengathi uAllaah angagculiseka ngaye) ubika ukuthi uRasulullah (ukuthula kube kuye) wathi, “Bathathu abantu imikhuleko yabo engeke yenqatshwe : umuntu ozilile kuze kufike la eqaqa khona, umholi onobulungiswa nomuntu ocindezelwe. UAllaah ukhuphula imikhuleko yabo yedlule emafini ayivulele amasango eZulu athi,” Ngifunga ngami uqobo! Ngizokusiza ngabe kuzothatha isikhathi (akuzushesha).”

عن عمرو بن شعيب عن أبيه عن جده قال سمعت رسول الله صلى الله عليه وسلم يقول للصائم عند إفطاره دعوة مستجابة وكان عبد الله بن عمرو إذا أفطر دعا أهله وولده ودعا (شعب الايمان، الرقم: ٣٦٢٤)

UHadhrat Abdullah bin Amr (sengathi uAllaah angagculiseka ngaye) ubika ukuthi uRasulullah (ukuthula kube kuye) wathi, ” Ngesikhathi se Iftaar, imikhuleko yomuntu ozilile iyemukelwa. ” Ngakho ke uHadhrat Abdullah bin Amr (sengathi uAllaah angagculiseka ngaye) wayebiza umndeni wakhe wonke nezingane ngesikhathi se Iftaar benze idu’a.

19. Inyanga kaRamadhaan yaziwa ngokuthi iyinyanga yeQur’aan. Ngakho ke kufanele sandise ukufundwa kwayo. OHaafiz (abahayi beQur’aan) kufanele bayifunde kakhulu ukudlula labo abangebona.

20. Khuphula izinga lokuphana ngenyanga kaRamadhaan. URasulullah (ukuthula kube kuye) wayephana kakhulu kule nyanga uma kuqhathaniswa nezinye izinyanga zonyaka.

عن ابن عباس رضي الله عنهما قال كان رسول الله صلى الله عليه وسلم أجود الناس وكان أجود ما يكون في رمضان حين يلقاه جبريل وكان يلقاه في كل ليلة من رمضان فيدارسه القرآن فلرسول الله صلى الله عليه وسلم أجود بالخير من الريح المرسلة (صحيح البخاري، الرقم: 6)

UHadhrat Ibnu Abbaas (sengathi uAllaah angagculiseka ngaye) ubika ukuthi uRasulullah (ukuthula kube kuye) wayephana ukudlula wonke umuntu. Wayedlulela ngokuphana uma kuyinyanga kaRamadhaan okuyisikhathi sokufika kukaHadhrat Jibra’eel (ukuthula kube kuye). UHadhrat Jibra’eel (ukuthula kube kuye) wayefika njalo ebusuku ngenyanga kaRamadhaan khona bezobukeza bahaye iQur’aan bobabili. URasulullah (ukuthula kube kuye) wayephana ukwedlula ngisho umoya lo ovunguzayo (umoya waziwa ngokungabi namngcele, ufika yonke indawo) . Ngakho ke umusa nothando lukaRasulullah (ukuthula kube kuye) lwaledlula ngisho umoya.


 

About admin

Check Also

Indlela EyiSunnah Yokusho IIkaamah

1. Yisho iIkaamah ngeHadr (ngokusho amagama ngendlela esheshayo). عن جابر رضي الله عنه أن رسول …