Ukukhulunyelwa nguHadhrat Rasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam)

عن رويفع بن ثابت قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من صلى على محمد وقال: اللهم أنزله المقعد المقرب عندك يوم القيامة، وجبت له شفاعتي (المعجم الكبير للطبراني، الرقم: ٤٤٨٠، وإسناده حسن كما في مجمع الزوائد، الرقم: ١٧٣٠٤)

UHadhrat Ruwaifi’ bin Thaabit Al Ansaari (radhiyallahu ‘anhu) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) wathi, “Lowo osho ledurood, ukumkhulumela kwami kuyoba isibopho”.

اَللّٰهُمَّ صَلِّ عَلٰى مُحَمَّدٍ وَأَنْزِلْهُ الْمَقْعَدَ الْمُقَرَّبَ عِنْدَكَ يَوْمَ الْقِيَامَة

O Allaah! Dlulisa imikhonzo kuMuhammad (sallallahu ‘alaihi wasallam) futhi umuphe isikhundla esiseduze nawe ngosuku lokwahlulela.

Qaphela: Ngokwabanye abahlaziyi bamahadith, “isikhundla esiseduze” esishiwo kulehadith siqonde ilungelo lokukhulumela izidalwa zonke ngosuku lokwahlulela. Abanye abahlaziyi bamahadith bathi lokhu kuqonde isikhundla esiphakeme nesihloniphekile sikaRasulullah (ukuthula kube kuye) eJann.

Isigameko Seshuminesishiyagalombili- Isigameko Sikashaikh Moulana Muhammad Zakariyya (Rahimahullah)

EPakistan, esinye isazi sezenkolo saphupha uRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam). Sabuza kuRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) ukuthi ngubani amthanda kakhulu kwi ummah yakhe yangalesiya sikhathi. URasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) wathi, “Ngu Hadhrat Shaikhul Hadith Moulana Muhammad Zakariyya Khandelwi (rahimahullah).

Isazi sabuza sathi, “Yisiphi isenzo esisemqoka esibeke uHadhrat Shaikh (rahimahullah) kulesi sikhundla?” URasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) wachaza wathi, “Kungenxa yedurood ayenza ngokungenamkhawulo iminyaka engamashumi amahlanu ilandelana”. Isazi sambuza ngale durood. URasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) wayisho. Sathi uma sivuka (isazi) sabhala ledurood ephepheni, safaka iphepha ekhukhwini.

Sathi uma siqeda ihajj, savakasha eMadinah lapho sahlangana noHadhrat Shaikh (rahimahullah). Sambuza ukuthi yiyiphi idurood ebeqikelela ukuyenza kwisikhathi seminyaka engamashumi amahlanu. UHadhrat Shaikh (rahimahullah) waphazamiseka yilo muntu ofuna ukwazi ima’moolat yakhe. Wabuza wathi, “Kungani ungibuza, kukuhlupha kuphi lokhu?” Isazi sakhipha iphepha ebesibhale kulo idurood samubonisa.

Sathi kuye, “Yiyo yini ledurood okade uyisho iminyaka engamashumi amahlanu?” UHadhrat Shaikh wamangala, wabuza isazi ukuthi sikuthole kuphi lokhu. Isazi samxoxela ngephupho laso. Wathi uma ezwa ngephupho uHadhrat Shaikh, ubuso bakhe bashintsha.

Wakhala kakhulu ekhaliswa yinjabulo nokuzithoba. Emuva kokukhala isikhathi eside, uHadhrat Shaikh (rahimahullah) wathi, “Bengingubani mina, inasiphi isisindo idurood yami? Lokhu kuyisihe nje sikaRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) nothando lwakhe kimi.” (Durood Shareef Ke Fadail Awr Thamaraat)

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …