Amaphuzu Aqondene Nenyanga Ka Ramadhaan 3

10. Uma unawo amandla okunikeza i Iftaar (ukudla kokuqaqa ukuzila) kumuntu ozilile, kwenze noma ngabe lokho kusho ukumnika iDate (isundu) elilodwa.

عن زيد بن خالد الجهني قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم من فطر صائما كان له مثل أجره غير أنه لا ينقص من أجر الصائم شيئا (سنن الترمذي، الرقم: 807، وقال: هذا حديث حسن صحيح)

UHadhrat Zaid bin Khaalid Al~ Juhani-(radhiyallahu ‘anhu) ubika uthi uRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) wathi, “Lowo onikeza i Iftaar kumuntu ozilile uyozuza umhlomulo ofanayo nalowo oyozuzwa ngumuntu ozilile, awuzuncipha umhlomulo wozilile (ngeke kucashunwe kuwo).”

11. Hlala nezikhonzi eziqotho zika Allaah ukuze uhlomule lukhulu kulenyanga.

12. Gwema konke okunqatshelwe (haraam) nalokho okungabazekayo okuwukudla, izenzo, izinkulumo nokunye.

13. Ukuzila ngenyanga ka Ramadhaan kuyisenzo esikhulu sokukhonza, ngakho- ke ngesikhathi uzilile, qikelela ungenzi izono ngoba uzogcina usulahlekelwe umhlomulo wokuzila. Futhi gwema izenzo eziyize (isibonelo: izinkulumo nezinto ezingakhi)

عن أبي هريرة رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم رب صائم ليس له من صيامه إلا الجوع ورب قائم ليس له من قيامه إلا السهر (سنن ابن ماجة، الرقم: 1690)

UHadhrat Abu Hurayrah (radhiyallahu ‘anhu) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) wathi, “Baningi abazilayo, kepha bangahlomuli lutho ngokuzila kwabo ngaphandle kwendlala, futhi baningi abathandaza ebusuku, kepha bangatholi lutho ngaphandle kokukhathala okudalwa ukungalali.”

عن أبي هريرة رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم من لم يدع قول الزور والعمل به فليس لله حاجة في أن يدع طعامه وشرابه (صحيح البخاري، الرقم: 1903)

UHadhrat Abu Hurayrah (radhiyallahu ‘anhu) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) wathi,” Lowo ongagwemi inkulumo eyihlazo kanye nezenzo eziyihlazo (khathi ezilile), u Allaah akakukidingi ukuyeka kwakhe ukudla nokuphuza.”

About admin

Check Also

Indlela EyiSunnah Yokusho IIkaamah

1. Yisho iIkaamah ngeHadr (ngokusho amagama ngendlela esheshayo). عن جابر رضي الله عنه أن رسول …